EzintshaKaizer Chiefs

Iqale kabi iKaizer Chiefs ixoshwa yiVitesse 

Lokhu kwenzeke yize Amakhosi kuyiwo alishaye kuqala igoli kulo mdlalo wangoLwesinili ebusuku.

UReeve Frosler udonse ishodi engaphandle kwebhokisi, wezwa selikhala enethini unozinti weVitesse ukuthi sekubhedile.

Umqeqeshi uNasreddine Nabi umangazile ngendlela ahlele ngalo iqembu eliqale lo mdlalo.

Uwuqale engekho umdlali wasemuva kwesokunxele, waqalisa uFrosler kule ndawo yise esebenzisa unyawo lwesikudla. 

Emuva uqalise u-Inacio Miguel — obengukaputeni – u-Aden McCarthy, kwathi uThabiso Monyane wangena kwesokudla.

Enkabeni yenkundla bekukhona uSibongiseni Mthethwa, uThabo Cele, noNkosingiphile Ngcobo bese uMduduzi Shabalala noMfundo Vilakazi besezimpondweni. 

Umgadli omusha uFlavio Da Silva bguye obehola ukuhlasela kwaMakhosi kodwa akukho okutheni akwenzile.

IKaizer Chiefs ibukeke iqhakazile ngasekuqaleni, uShabalala wacishe wavula ngegoli ngomzuzu ka-21, kodwa walivimba ibhola lakhe unozinti weVitesse. 

UNabi wenze izinguquko ezinkulu ngesikhathi sekhefu, efaka abafana noZitha Kwinika, uNkanyiso Shinga, uBradley Cross noBruce Bvuma emuva.

Ekuhlaseleni ufake oGaston Sirino, u-Ethan Chislett, u-Ashley Du Preez, noTashreeq Morris.

Kodwa kube yiVitesse ebamba umgqigqo kuqala futhi yabuyela emdlalweni ngesikhathi uDillon Solomons elinamathisela enethini yangakubo ibhola abethi uyalikhipha. 

IKaizer Chiefs ibe namathuba amahle okuphinda ithole igoli — uMorris ugeje amathuba amabili amahle.

Elokuqala ubeliphaselwe kahle nguChislett, elesibili ubegotshelwe uSirino.

Izithole seyilandela ngemuva ngomzuzu ka-74 ngesikhathi iVitesse isebenzisa iphutha elenzeke emuva iChiefs ihlulwa ukukhipha umhlolo ekhaya.

Yize behluliwe, uNabi cishe kukhona okuhle akucoshile kulo mdlalo kwazise ubehlanganisa abadlali abangajwayelene ikakhulukazi esiwombeni sesibili. 

Emdlalweni olandelayo, iKaizer Chiefs izobhekana neFC Utrecht ngoLwesihlanu njengoba iqhubeka nohambo lwayo lwase-Europe.