EzintshaNedbank Cup

IPirates negxathu elibheke emlandweni kwiKe Yona

Lezi ziqhwaga zaseSoweto zikwazile ukungena kowamanqamu kule ndebe isizini yesithathu kulandelana.

Ishaye iMarumo Gallants ngo 1-0 kowandulela owamanqamu e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama ukuze ingene kowamanqamu.

I-Orlando Pirates manje seyilinde ukubona ukuthi yiliphi ezobhekana nalo kowamanqamu phakathi kweMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs. 

La maqembu womabili azohlangana komunye umdlalo owandulela owamanqamu ngalo iSonto.

Umdlalo walamaqembu useeLoftus Stadium kanti uzoqala ngo-6 ntambama.

Igoli likaKabelo Dlamini ngesiwombe sokuqala belanele ukuweza i-Orlando Pirates ukuthi ifinyelele kowamanqamu.

Seyiyinqobe amasizini amabili kulandelana le ndebe kanti manje seyibheke ukukwenza okwamathathu. 

Uma iyinqoba okwesithathu, izobe seyiyigcina le ndebe okusho ukuthi kuzomele kwenziwe entsha ngesizini ezayo.

Seyivele ikwenzile lokhu ngeMTN8 esiyinqobe amahlandla amathathu kulandelana.

Ukubuyela emdlalweni obuse-Orlando Stadium, yize iMarumo Gallants izamile, kodwa amava ePirates emiqhudelwaneni ahlale obala.

Ikwazile ukubhekana kalula nezinselelo ebeziphoswa yileli qembu laseBloemfontein futhi yazinqobela kalula.