
Ithemba iDurban City ivula ngokunqoba
- Sibongiseni GUMBI
IDurban City FC iwine umdlalo wayo wokuqala kwiMotsepe Foundation Championship, ihlula izimbangi zayo iCasric Stars ngo 2-1 ngoLwesihlanu ebusuku.
Ukunqoba kwayo kuyibeke phezulu kwilogi ngosuku lokuqala lwemidlalo yale ligi.
EzikaSimo Dladla kudingeke zibuye kade sezilandela ngemuva ukuze ziwathole womathathu amaphuzu.
Lo mdlalo obuseChatsworth Stadium, eThekwini, ubushubile futhi bewusezingeni elishiye abalandeli bejabule.
ULesego Sebetlela ubeke izivakashi, iCasric Stars phambili ngesiwombe sokuqala.
Kodwa uJoslin Kamatuka noMfanafuthi Mkhize benze isiqiniseko sokuthi amaphuzu asela ekhaya, iStars ibuyela eMpumalanga nenduku yombangandlala.
IDurban City FC beyaziwa ngeMaritzburg United phambilini. Iqembu lishintshe igama ngenxa yezinkinga elibhekane nazo eMgungundlovu.
Leli qembu likubeke kwacaca ukuthi lizimisele ngokubuyela esigabeni esiphezulu ekupheleni kwesizini, futhi lokhu kunqoba kube yisiqalo esihle.
“Kwaze kwakuhle ukubuya (kade sesilandela ngemuva), yaze yayinhle indlela yokuqala lesi sahluko esisha,” ikilabhu ibhale kanje ekhasini layo le-X.
“Siyabonga eThekwini ngokungeseka kwenu ngendlela emangalisayo. Lesi kuseyisiqalo nje – asiqhubeke siphakame kanyekanye!”
OLUNYE UDABA: ‘Inhliziyo ka-Appolis ayisekho nhlobo kwiPolokwane’
Lokhu kuwina kubeke ithemba ezifisweni zeDurban City kule sizini. Omunye umdlalo walesi sigaba obungoLwesihlanu, iHighbury ibambane ngo 1-1 neBlack Leopards.
Imidlalo yeChampionship ngoMgqibelo: Leruma v Pretoria Callies; Hungry Lions v Kruger United; Venda FC v Milford; JDR Stars v Upington City – yonke iqala ngo-3 ntambama.
