
‘Ubemonelwa’ abaqeqeshi u-Andile Jali kwiChippa
Inhlalo beyingaseyinhle ku-Andile Jali kwiChipa United kanti kuvela ukuthi ‘ubenenkinga’ nomunye wethimba labaqeqeshi.
ILisenethini ithole ngomunye wemithombo yayo ukuthi isimo bese simuncu ku-Andile Jali kuleli qembu laseGqeberha.
Kuthiwa kukhona abengasahoshelani kahle naye ethimbeni labaqeqeshi, okwenze wagcina engasadlali njengoba sekuphele izinyanga elizwa ngendaba ijezi.
UJali ubejoyine iChippa ekuqaleni kwesizini. Ubekade esehlale isikhashana engenaqembu ngaphambi kokuthathwa yiChilli Boys.
Lokhu bekulandela ukuthi axoshwa kwiMoroka Swallows kulandela isiteleka sabadlali ababekhala ngamaholo kuleli qembu.
Ufike kwiChippa ngenhlokomo enkulu yabalandeli kwazise ubebonakala ezolifukula leli qembu lase-Eastern Cape.
UJali, odabuka eMatatiela uzakhele igama kwi-Orlando Pirates ngaphambi kokuthi aye phesheya la edlale khona iminyaka emine.
Ubuye lapho wajoyina iMamelodi Sundons, wahlala iminyaka emihlanu kuyo ngaphambi kokuthi aye kwiSwallows.
Manje sekuvele ukuthi umona owenze wagcina esenyamanambana kwiChilli Boys.
“Akenzanga lutho yena. Inkinga iqale ngokuthi kuvele izinto anazo okukhona kuzo nepulazi,” kusho lo mthombo.
Usidonse ngendlebe ke ukuthi singawuvezi nangobhozo ngoba ungazithola usenkingeni yokusolwa ngokuveza izindaba ezifihliwe zeqembu.
“Ngathi kuthe kusenjalo, lo mbhemu wathola nokuthi uhola imali engakanani, kwavela ukuthi ngathi uhlula ngisho abaqeqeshi.
“Iqale lapho ke inkinga, kwagcina ngokuthi elokhu esolwa ngezinto ezincane ezinye ezingekho ejimini.
“Naye ke ngiyacabanga ukuthi ube esebona ukuthi akasemuhle, waqala wazihudula ukuze engabangisani nabantu.
“Mina angazi kungani abaqeqeshi bethande ikuzifakela ingcindezi ngokuthola ukuthi umdlali othile uhola malini.
“Sonke sinawo lowo moya wokuzinyeza uma uzwa ukuthi umuntu ongaphansi kwakho uhola kakhulu.
“Yilokho-ke okwenzekile ngoJali laphaya,” kuchaza lo mthombo.
Uthe uzwe sengathi ngemuva kwalesi siqembu sakamuva, u-Andile Jali usecabanga ukuvele aphume ebholeni.
“Ubevele engasenkamunkamu ngokudlala kulandela okwamehlela kwiSwallows, manje uma sekumphinda nala sekukubi kakhulu.”
IChippa ikumemezele ekuqaleni kwaleli sonto ukuthi inhloko izohukana nesixhanti phakathi kwayo no-Andile Jali ekupheleni kwale sizini.
