
Kuvela okwahlehlisa iSekhukhune kuManqoba Mngqithi
Ngaphambi kokuqasha u-Eric Tinkler, iSekhukhune United yayifuna ukuqasha uManqoba Mngqithi.
Leli qembu laseLimpopo lingelinye lakhula ngesivinini futhi anezifiso ezinkulu zokugcina emakhulu futhi elwela izicoco kwiPSL nakwiCaf.
Njengamanje iSekhukhune isemjahweni wokuqeda endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership ukuze ibuyele kwiCaf Confederation Cup.
ISekhukhune njengamanje isendaweni yesine kulandela ukubambana neKaizer Chiefs emdlalweni odlule.
Manje isele nomdlalo owodwa okumele nakanjani iwunqobe, bese iminyela ukuthi iStellenbosch FC ihlulwe noma idlale ngokulingana kowayo.
Ngale kwalokho, izophinde iyizwe ngendaba nangesizini ezayo eyokuyodlala ezwenikazi.
Umthombo weLisenethini uveze ukuthi leli qembu ladedela uLehlohonolo Seema ngoba lifuna uManqoba Mngqithi.
Uthe lalibona ukuthi uma lilinda isikhathi eside, uzothathwa amanye amaqembu, ligcine lingamtholanga.
Uthi lalihehwe amava akhe okudlala imiqhudelwano yeCaf neMamelodi Sundowns kodwa laphoxeka lingasamtholi.
“Babefuna uManqoba futhi bakhuluma naye futhi izingxoxo zase zisezingeni eliphezulu impela,” kusho lo mthombo.
“Nokho inkinga yaqhamuka uma sekuziwa endabeni yemali nemihlomulo la laphuma libabaze leli qembu.
“Ngizwa kuthiwa uManqoba wathi ufuna u-R800 000 ngenyanga, bese bemvumela ukuthi afike nabasizi bakhe.
“Kubona kwakukhona noRomain Folz kanti kuthe uma iSekhukhune ibala imiholo nemihlomulo yabo yathola ukuthi kuzoba wumqansa kakhulu.
“Kwavela ukuthi izohlukana nemali engaphezu kuka-R1.5 million ngenyanga uma ifuna ukuthatha yena.”
Lo mthombo uthe yilapho ke leli qembu elabe selihlehla khona, layobheka omunye umqeqeshi, kanti ngenhlanhle uTinkler akanaqembu.
