EzintshaOrlando Pirates

IPirates ezingxoxweni nelaseSaudi ngesinye isihlabani sayo 

I-Orlando Pirates seyivele imangaze abaningi ngesikhathi idayisa uMohau Nkota kungalindele muntu ngesonto elidlule.

Manje i-Unplayable isivez eukuthi uRelebohile Mofokeng naye usethubeni lokuthuthela eSaudi Arabia la ezohlangana khona noMohau Nkota kwi-Al-Ettifaq.

Lo mbiko ucaphune imithombo yaseSaudi Arabia ithi izingxoxo ziyaqhubeka ngokudayiselana lo mdlali ongomunye wokubhekwe lukhulu kubo ebholeni laseNingizimu Afrika.  

Uma kwenzeka lokhu, kuzobona uMofokeng ejoyina uhlu olukhulayo lwabadlali abasebancane abathembisayo abaya kwi-Saudi Pro League ekhula ngokushesha.

Le ligi beyaziwa ngokuheha abadlali asebekhulile phambilini kanti njengamanje kudlala kuyo oCristiano Ronaldo noSadio Mane phakathi kwezingwazi ezaziwayo.

Kodwa manje kubukeka le ligi seyishintsha ukwenza njengoba amaqembu ayo eseqalile ukuheha abadlali abasebancane.

Yaziwa nangokuholela imali enkulu, esezingeni elifanayo noma engaphezulu kwamaligi amakhulu ase-Europe.

Manje amehlo asesekutheni ngabe uMofokeng uzophinde yini ahlangane noNkota kwi-Al-Ettifaq, okungamahlebezi asesuse isasasa elikhulu. 

UMohau Nkota kubikwa ukuthi usevele usheshe wazinzwa futhi ukujabulele ukuba kuleli qembu laseSaudi.

UNkota noMofokeng banobudlelwano obuhle obakheke ngesikhathi bobabili beseqenjini le-DDC (DStv Diski Challenge) kwi-Orlando Pirates. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO