
Iphenduke ‘ihlaya’ indebe entsha yeBetway Premiership
Indebe entsha ye-Betway Premiership isuse izinkulumompikiswano eNingizimu Afrika yonkana.
Le ndebe yenziwe yiciko elidumile uNelson Makamo, kanti yethulwe okokuqala eLoftus Versfeld Stadium ngeSonto.
UMakamo uchaze ukuthi umbono abenawo eyiponononga le ndebe owokuthi ‘iyincwadi yothando ebheke ebholeni laseNingizimu Afrika’.
Kodwa abalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana abavumelani neze naye, bashaye amakhala ngayo.
Ngokushesha ivele yafaniswa ne-hubble-bubble kwagxekwa kakhulu indlela eyakheke ngayo.
Ngaphandle kokugxekwa ezinkundeni zokuxhumana, abadlali beMamelodi Sundowns bayijabulele le ndebe yabo ye-Betway Premiership.
Babe yiqembu lokuqala ukuphakamisa le ndebe entsha ye-Betway Premiership ngemuva kokushaya iMagesi ngo 2-0 emdlalweni wabo wokugcina ngeSonto.
Ukaputeni uThemba Zwane nonozinti ongumakadebona uDenis Onyango bobabili bayincomile indlela eyakhiwe ngayo.
“Yindebe enhle, kodwa iyasinda. Ngicabanga ukuthi ngidinga ukuqinisa kakhudlwana ejimini ukuze ngiyiqukule kahle,” kuncokola uZwane.
U-Onyango wengeze ngokuthi, “Yonke indebe inendlela yayo ehluke ngayo. Iyasinza — isinda njengesheke abasinike lona!
“Kodwa okubalulekile yindondo. Izindondo zinhle kakhulu. Indondo yinhle, imali yinhle, nesizini ibiyinhle.”
Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso yena uchazwe yincazelo yokwakhiwa kwale ndebe.
“Ngaphambi kokuwina imidlalo, bekufanele siwine abadlali, sibenze bathande uhlelo lwethu lokudlala.
“Le ndebe iwuphawu lokusebenza kwethu kanzima. Isho lukhulu kithi,” kusho uCardoso.
UMakamo uchaze ukuthi le ndlela ayenze ngayo ubehlonipha izimpande zebhola eNingizimu Afrika.
“Kuwukuhlonipha lapho siphuma khona, ukuthi singobani, nokuthi siyaphi,” kusho yena.
Noma kunjalo, ezinkundleni zokuxhumana bekunomsindo.
U-@Connie.M-Wa-Mokgatlha, ubhale wathi: “Izinyanga ezingu-12 zonje, yilento ayibone ingcono le?”
Omunye wanezela, “Lo mfana akumele aphinde akhe lutho, ikakhulukazi indebe.”
Le ndebe entsha ingeyesihlanu esemthethweni yePSL kusukela kwasungulwa iligi ngo-1996.
Kungakhathaliseki ukuthi iyathandwa noma kunjani, indebe entsha ye-Betway Premiership ivuse isasasa.
Umlando usuvele ke uqophekile ngayo ngokuthi iSundowns ibe yiqembu lokuqala ukuyiphakamisa.
