
Ezishisayo nge-Orlando Pirates ngoDlamini, de Jong noSaleng
Njengoba iwindi lokuhwebelana ngabadlali likaJanuwari selivuliwe, kuningi okwenzekayo emaqenjini ehlukene ePremier Soccer League (PSL).
I-Orlando Pirates ingelinye lamaqembu abhekwe ngabomvu kuleli windi njengoba emanigi amahlebezi aqhubekayo ngayo.
Kwezihamba phambili wukungavumelani ngenkontileka entsha kwe-Orlando Pirates nomunye wabadlali bayo basesiswini ababalulekile.
Kubikwa ukuthi i-Orlando Pirates isalokhu idazisana nabaphethe umdlali wasesiswini uKabelo Dlamini ngokwelulwa kwenkontileka yakhe.
Njengoba inkontileka akuyo njengamanje izophela ngoJuni 30, abamele amaBhakabhaka noDlamini abakafinyeleli esivumelwaneni sokuvuselela.
Lokhu kungezwani manje kwenza lo mdlali avumeleke ukusayina inkontileka yesethembiso nanoma iyiphi ikilabhu enentshisekelo ngaye.
Lokhu kungenxa yokuthi usesezinyangeni eziyisithupha zokugcina zenkontileka yakhe yamanje.
Lokhu kubeka iPirates ngaphansi kwengcindezi yokuthi isheshe imbambe ngenye inkontileka noma izibeke engcupheni yokulahlekelwa nguye mahhala.
Kodwa-ke, isimo eMayfair asifiphele kangako. Iqembu lizokwamukela ngokusemthethweni u-Andre de Jong maduze.
Ukudayiselana ngalo mdlali ohlaselayo kubonakala sekuqediwe. Amakilabhu asefinyelele esivumelwaneni.
Kubikwa ukuthi uDe Jong uzofika ekilabhini ukuzoqedela izivivinyo zakhe zezempilo bese kwenziwa isimemezelo esisemthethweni ngaye maduze.
Kwezinye izindaba ezithinta amaBhakabhaka, amahlebezi okuthi isihlabani somdlali wasesiswini uMonnapule Saleng ubuyela kuleli qembu ngoJanuwari asephikiwe.
Bobabili imenenja kaSaleng, uKarabo Tshabuse, nomqeqeshi we-Orbit College uPogisho Makhoye bakuqinisekisile ukuthi isivumelwano sokubolekiswa kwakhe sizophela ngoJuni.
Zikhona nezinye izindaba ezithinta ikusasa likaSaleng kwiPirates esisazobuya nazo ngokuhamba kwesikhathi.
FUNDA NALA | UBroos uchaza okwenza umdlalo weCameroon ube ngokhethekile
Wena okwanje nje ukuhlala la kwiLisenethini ukuze uzithole zishisa.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
