EzintshaMamelodi Sundowns

Inkakha ixwayisa iSundowns ngesimo sikaMudau

Owayengumdlali weMamelodi Sundowns, uManqoba “Shakes” Ngwenya, ukholwa ukuthi leli qembu kufanele libuyele emakethe yabadlali ngemuva kokulimala kuka-Khuliso Mudau.

UMudau udabuke imisipha yesithende ngesikhathi iSundowns ishaya iMarumo Gallants ngo 2-0 phakathi nesonto.

Lo mdlali weBafana Bafana kulindeleke ukuthi ahlale ngaphandle isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha.

UMudau wakhishwa ngohlaka ngaphambi nje kokuphela kwesiwombe sokuqala.

Ukungabikho kwakhe kushiye iSundowns nenkinga enkulu endaweni yasemuva kwesokudla.

UThapelo Morena, uKeegan Johannes noZuko Mdunyelwa bangabadlali abangavala lesi sikhala.

Nokho, uNgwenya ukholwa ukuthi iSundowns akufanele ithembele kubo kuphela.

Uthi iqembu kufanele lisayine omunye umdlali kule ndawo.

Lokhu kubaluleke kakhulu njengoba iSundowns izobhekana nemiqhudelwano eminingi kule sizini.

“Ukuthola umdlali ofana naye kuzoba nzima kwiSundowns ngoba ungomunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni,” kusho uNgwenya etshela iKickOff.

UNgwenya uncome ijubane lika-Khuliso Mudau, ukuzethemba kwakhe nekhono lokusiza uma iMamelodi Sundowns ihlasela.

Uthi lezi zimfanelo zenza kube nzima kakhulu ukuthola ozovala isikhala sakhe.

Uphinde waveza ukuthi iqembu belidinga omunye umdlali kule ndawo nangaphambi kokulimala kukaMudau.

“Yize sinabo abanye abadlali bakule ndawo, uma ubheka ukulimala kwakhe, iSundowns iyamdinga omunye.

“Siyazi sikhulu isibalo semiqhudelwano iSundowns ezodlala kuyo kule sizini.

“Ngisho nangaphambi kokulimala kwakhe, bekuvele kunesidingo somunye umdlali kule ndawo,” kusho uNgwenya.