
Amehlo kuNdlovu iSundowns ibhekene neqembu asuka kulo
U-Siyanda Ndlovu uzobe ebhekwe ngabomvu njengoba ezoqala umdlalo okokuqala kwiMamelodi Sundowns ebhekene neqembu lakhe langaphambili, iGolden Arrows.
ISundowns ne-Arrows bazobhekana eLucas Moripe Stadium ngeSonto ntambama emdlalweni weMTN8. Umdlalo uzoqala ngo-3 ntambama.
UNdlovu ujoyine iSundowns ngemuva kwamasizini amabili ancomekayo kwi-Arrows.
Usevele ukhombise izimpawu zekhono elimenzi waba ngomunye wabadlali abebebhekwe kakhulu kuBafana Bes’thende.
Lo mdlali omncane kodwa onekhono ubesetshenziswa kakhulu esuka ebhentshini selokhu efiike kwiSundowns.
Kodwa ngeSonto umqeqeshi uMiguel Cardoso umnikeze ithuba lokuqala emdlalweni obalulekile womlenze wokuqala weyandulela owamanqamu kwiMTN8.
U-Siyanda Ndlovu uzohola ukuhlasela kweMamelodi Sundowns ehambisana noCassius Mailula noLebo Mothiba.
UCardoso wenze izinguquko eziningana eqenjini lakhe kulo mdlalo njengoba ephumuze abanye babadlali bakhe.
UGrant Kekana noRonwen Williams abekho nhlobo eqenjini elizodlala lo mdlalo.
UTashrique Mathews noBryan Leon bona bazowuqala ebhentshini.
ISundowns iphinde ibe ngaphandle kwezihlabani zeBafana Bafana oTeboho Mokoena noKhuliso Mudau ngenxa yokulimala.
- FUNDA NALA | Okubhekwe owe-Arrows kwezakhe koweDowns
UMudau uzohlala ngaphandle isikhathi eside ngemuva kokulimala emsipheni wangenhla kwesithende emdlalweni odlule.
ISundowns ibophele kanje: Goss, Johannes, Khoza, Mdunyelwa, Modiba, Allende, Aubass, B. Mokoena, Ndlovu, Mailula, Mothiba.
Ebhentshini: Onyango, Mvala, Basadien, Morena, Mkhulise, Zwane, Mathews, Santos, Leon
I-Arrows ibophele kanje: Maova, Shezi, Agnikoi, Mabaso, Maluleke, Gasa, Zwane, Dlamini, Maxwele, Dion, Sithole.
Ebhentshini: Mbanjwa, Mbatha, Matshiyane, Madonsela, Karelse, T. Khumalo, Van Rooi, Ousmane, P. Khumalo
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
