DStv PremiershipEzintsha

OweZesco uveza okuholele ekwehleni kwezinga lebhola eZambia

ALFRED Ngubane

IZambia ike yaba ngelinye lamazwe enza kahle ebholeni lase-Afrika futhi yaze yanqoba i-Afcon ngo-2012.

Kodwa kusuka lapho, izinga lehlile kanti manje uMichael Ndhlovu usetshele iLISETHENINI ukuthi ukwehla kwezinga lebhola eZambia kudalwa yizimo eziningi.

“Phakathi kwazo wukuthi abekho abatshali zimali ebholeni laseZambia,” kusho yena. 

“Lokho kube sekuholela ekutheni bengabikhona abadlali bangaphandle kwezwe abaqinile abazoqinisa abethu.

“Kumanje sinomkhankaso wokuheha abadlali bangaphandle ngokufaka izikhangiso sicela abadlali abaqhamuka emazweni angomakhelwane ukuthi bazodlala eZambia.

UMichael Ndhlovu – owayengumdlali weqembu laseZimbabwe, iHighlanders phambilini – ukhuluma isiZulu esomile  kanti uthi wasifunda kwaBulawayo kwelakubo.

Lomqeqeshi uphinde waveza ukuthi bafuna ukuqedela kahle imidlalo yeCaf Confederation Cup bese begxila emidlalweni yeZambian Premier league.

“Sisophe ukwenza kahle kwiligi ukuze sizokwazi ukungena kwiCafChampions League ngesizini ezayo,” uckaza uNdhlovu.

IZesco ayisenalo ithuba lokudlulela esigabeni somkhumulajezi kwiCaf Confederation Cup.

Lokhu kulandela ukuhlulwa kwayo imidlalo emibili kulandelana yiKaizer Chiefs okuyishiye isemsileni futhi ingenaphuzu kuGroup D. 

Nokho isasalelwe yimidlalo emibili namaqembu ase-Egypt iZamalek ne-Al Masry ngaphambi kokuthi kuphele ngokusemthethweni ngabo kulo mqhudelwano.