
UMngqithi uhlonza okungakhuba iBucs emjahweni weligi
- Sibongiseni GUMBI
Sekucacile ukuthi uManqoba Mngqithi, ocija iMamelodi Sundowns, ufisa leli qembu lakhe libe nembangi elizobangisana nayo emjahweni weBetway Premiership.
Kumasizini ambalwa adlule iSundowns ibizidlela amahlanga kulo mjaho, kokunye iwunqobe kusasele imidlalo eminingi iligi isongwe.
Lokhu sekukhalwe kakhulu ngakho ukuthi kubulala ibhola futhi kuyehlisa isithunzi iligi yakuleli.
UMngqithi uyavuma ukuthi emaqenjini angase ababangise kulokhu, yi-Orlando Pirates ebukeka isethubeni elingcono.
Kodwa kunezici azibuka kuyo, ezimenza angaqiniseki ukuthi iyimbangi eqine ngokwanele ukuthi ingagijima nabo kuze kube sekugcineni.
Yize kusadlalwe imidlalo emine, kuvele sekubukeka sengathi umbango weligi uzoba phakathi kwalamaqembu aseGauteng.
Okwenza uMngqithi angabaze amandla ePirates wukuthi ngathi ayinabo abadlali abenele, wenza isibonelo ngokwenzeke kwiCarling Knockout.
IPirates idlale umdlalo wokuqala wale ndebe ngesikimu esishintshile, izinto azangayihambela neze kahle njengoba igcine iguqile, ihlulwa ngo 3-2 yiMagesi FC.
Nokuthi iPirates inomkhuba wokuvele ikhutshwe amaqembu athathwa ngokuthi ngamancane, ngenye yezinto aziphawulile 00lo mqeqeshi weDowns.
“Ngicabanga ukuthi ngakusho lokhu ngesikhathi kwethulwa iligi, ukuthi yibona iqembu engilibona lizoncintisana nathi.
“Ngiyathemba futhi ngiyathandaza ukuthi baneqembu elinabadlali abanele ukuthi badlule esigabeni samaqoqo (kwiChampions League) benze kahle nakwiligi,” kusho uMngqithi.
“Lokhu ngikusho ngoba ngicabanga ukuthi yilapho okuhlaluka khona abafana emadodeni. Kodwa ngiyakholwa ukuthi baneqembu elihle kakhulu.
“Bazamile ukushintsha abadlali kwiCarling Knockout, ngeshwa akuhambanga kahle,” kuqhuba uMngqithi.
“Kodwa uma sikhuluma iqiniso, bayiqembu elingakwazi ukusidalela izinkinga.
“Namanje ngisakusho ukuthi bayiqembu elivame ukuthwala kanzima uma libhekene namaqembu amancane.
“Okwamanje basenze kahle impela, kodwa ake siqhubeke nendlela sibone ngoba ngicabanga ukuthi kulapho kuzophuma khona umpetha.”
Bobabili iSundowns nePirates banamaphuzu angu-12 ngemuva kwemidlalo emine, kodwa ezikaMngqithi ziphezulu ngenxa yamagoli amaningi eziwashayile.
IPirates izophinde ithole ithuba lokubuyela ekuqhwakeleni njengoba izobhekana naMaZulu FC e-Orlando ngoLwesihlanu ebusuku.
ISundowns yona izoze idlale ngeSonto ntambama seyibhekene nePolokwane City.
