
Ubizelwe emhlanganweni uMokwena ophikwa yimiphumela
- Intatheli yeLISENETHINI
Kuvela ukuthi abaphathi beWydad Athletic bakhathazekile ngokugqoza kwemiphumela kuleli qembu elicijwa uRulani Mokwena.
Selokhu kuqale isizini, ezikaMokwena ziyashisa, zibuye zibande kanti azikawubambi kahle umgqigqo futhi nemiphumela ayijabulisi kahle.
Manje sekuvela ukuthi umengameli weqembu, uHicham Ait Menna, okunguye owalanda uMokwena, usemcele umhlangano.
Lokhu kulandela ukwehlulwa kweWydad ngo 2-0 yiMeknes ekuhambeni kuleli sonto.
Nokho kuthiwa lo mhlangano awubiziwe ngobubi, kodwa kuwukuzothola kuMokwena ukuthi engasizeka kanjani ukusheshe alungise isimo.
Kuthiwa uHicham Ait Menna usameseka ngokugcwele futhi uyamethemba uMokwena ukuthi uzoyibuyisela endaweni efanele le kilabhu.
Phela ulandwe kulandela isizini ebe yihlazo njengoba iWydad iqede endaweni yesihlanu kwiBotola Pro League ngesizini edlule.
Kulokhu, ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa, iWydad isasendaweni yesihlanu njengoba isaqoqe amaphuzu angu-11 nje kuphela.
Kule midlalo esayidlalile kwiligi, inqobe emithathu, yadlala ngokulingana emibili, yaphinde yahlulwa kwemibili.
Ngemuva kokwehlulwa kwangoLwesibili, uMokwena uzwakalise ukukhathazeka, waze wathi uyalwazi usizi olubhekana nabalandeli uma behluliwe.
“Angikufuni ukuhlulwa, angilali kahle uma ngihluliwe. Ngiyabuqonda ubuhlungu obuzwiwa abalandeli bethu uma sihluliwe,” usho kanje uMokwena.
