Ezintsha

Likhathazekile elePSL ngomdlali onyamalele

IMagesi FC kubikwa ukuthi ithungatha omunye wabadlali bayo odukile futhi ongakaze abonakale kusukela ngasekupheleni konyaka odlule.

Le kilabhu yaseLimpopo ibe no-2024 omuhle, yanyukela kwiligi enkulu futhi yanqoba neCarling Knockout Cup.

Ekuqaleni kwesizini basayine umdlali wasesiswini uMaloisane Mokhele ababoleke kwiSekhukhune United.

UMokhele usedlale imidlalo eyisikhombisa kule sizini kodwa ubengakashayi goli futhi engakabakheli nozakwabo igoli. 

 Nokho ukungabi bikho kwakhe ngendlela engaqondakali kudale ukukhungatheka nokukhathazeka eqenjini.

Ngokubika kweSoccer-Laduma, uMokhele akakabuyeli ejimini kusukela kuqale u-2025, yize inkontileka yakhe ingakapheli.

Ubolekiwe isizini yonke, okusho ukuthi angaze abuyele kwiSekhukhune ekupheleni kwesizini.

Iqembu lithumelele uMokhele incwadi mayelana nokungabi khona kwakhe emsebenzini ngaphandle kokulazisa.

Umthombo ukuqinisekisile ukuthi ubengatholakali kusukela ekuqaleni kukaJanuwari.

“Kukhona ingozi yokuthi ngeke akhokhelwe kule nyanga. Leso yisinyathelo ikilabhu esicubungulayo,” kusho umthombo.

Imenenja kaMokhele, uRatshibvumo Mulovhedzi, ithe iyalulungisa lolu daba.

“Ngithintwe umphathi weMagesi ngalokhu. Ngisendleleni njekumanje ngibheke ePolokwane ukuyoyixazulula,” kusho le menenja.

Iqembu manje selilinde izimpendulo ngalokhu kuphazamiseka njengoba lilwela ukugwema ukugawulwa yizembe.