AmaZuluEzintsha

I‘Ngwenya’ yoSuthu ibonge u-Arthur Zwane ‘ngokuyibelesela’ 

Usuthu lunqobe lo mdlalo weligi obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngeSonto ntambama ngo 3-2.

Abuye kade eselandela ngemuva kwaze kwaba kabili kanti uNgwenya ube nesandla kuwo womathathu amagoli oSuthu.

Ushaye amabili, wakhela uzakwabo uMlondi Mbanjwa elilodwa bekhava amagoli eGalaxy ashaywe oVictor Letsoalo noJunior Zindoga.

UThandolwenkosi Ngwenya ube eseqokwa njengomdlali obevelele kulo mdlalo yize engene esiwombeni sesibili kulo mdlalo.

“Ngifuna nje ukubonga umqeqeshi nomndeni wami ngoba bahlezi bengeseka, bengigqugquzela.

“Umqeqeshi uhlezi engibelesela engitshela ukuthi ufuna ngishaye amagoli,” kusho leli qhawe elidabuka eZimbabwe.

“Ngibona uMdali, mina angikaze ngicabange ukuthi kungenzeka kanje (ukuba nesandla emagolini amathathu.”

Ube esebuzwa nangokuthi umkhaya wakhe waseZimbabwe uJunior Zindoga ushaye elihle igoli elibeke iGalaxy phambili ngo 2-1.  

“Wusuku oluhle impela (ebholeni laseZimbabwe). Uthe uma eshaya igoli lesibili ngabona ukuthi cha impela uJunior uyavutha.

“Kodwa ngibe sengizitshela ukuthi nami kumele ngiqhubeke ngisebenze ukuze ngishaye elinye.” 

Lokhu kunqoba kukhuphulele AmaZulu endaweni yesine kwilogi kanti ayalingana neKaizer Chiefs engenhla kwawo ngamaphuzu angu-27.

Umehluko phakathi kwalamaqembu yisibalo samagoli. Umqeqeshi woSuthu u-Arthur Zwane uzothemba ukuthi uThandolwenkosi Ngwenya uzoqhubeka nalo mgqigqo wakhe.