
UZwane uphika eyenhlanhla AmaZulu egoba iCity
AmaZulu FC awanqobanga ngenhlanhla, kodwa kube wumphumela wokushintshwa kwamaqhinga okudlala.
Lokhu kuvezwe umqeqeshi waleli qembu u-Arthur Zwane ngemuva kokugingqa iPolokwane City ngo 1-0 ngoMgqibelo ntambama.
UZwane ugcizelele ukuthi ukushintsha kwakhe amaqhinga maphakathi nomdlalo kube wukhiye wokuthola la maphuzu amathathu.
Kube nguThapelo Matlhoko obengene esuka ebhentshini oba yiqhawe ngokushaya igoli lokunqoba e-Old Peter Mokaba Stadium.
Lo mdlali osemncane ushaye igoli lakhe lokuqala esigabeni esiphezulu ngemuva kokuthola ibhola elihle ebelivela kuRiaan Hanamub.
Futhi lokhe kunqoba kushaye Usuthu lusemaqenjini amane ahamba phambili kwiBetway Premiership.
U-Arthur Zwane uvumile ukuthi iRise noShine yiyona ebiphethe umdlalo emizuzwini engu-25 yokuqala.
Lokhu kumphoqe ukuthi alahle ipulani yakhe yokuqala futhi ajike izinto maphakathi nenkundla ukuze ayinqande.
UZwane ususe uPule Ekstein endimeni ayijwayele yokuba nguNombo 10, wambuyisela kuNombolo 8.
Usuthu lushintshele ohlelweni luka-5-3-2 ukuze lukwazi ukuba nabadlali ngemuva kwebhola futhi lulawule isivinini somdlalo.
Lolu shintsho luvumele AmaZulu ukuthi akwazi ukumelana nengcindezi ngaphambi kokuthola igoli ngasekupheleni kwesiwombe sesibili.
“Kudingeke ukuthi silungise… ukuze sibe nezinombolo esiswini,” kuchaza uZwane.
“Siqalile sakwazi ukugcina ibhola, silawula isivinini, futhi silinde isikhathi esifanele sokuhlasela.”
Ukunqoba kuphinde kuqinisekise isinqumo sikaZwane sokuthembela kakhulu kubadlali abasebancane ngesikhathi ebeka eceleni omakadebona abafana noBongani Zungu.
Manje Usuthu luhlezi endaweni yesine kwilogi, kanti manje selusethubeni lokuthola indawo emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo.
Phezu kwalokhu kwenza kahle, uZwane akafuni kubangene ekhanda lokho.
“Akubanga wucilo ozishayisa endukwini; basebenze kanzima,” kusho uZwane ngeqembu lakhe labafana abancane.
“Sizobhekana nomdlalo ngamunye ngesikhathi… ngeke sizifakele ingcindezi.”
UZwane ubekhuluma ngokungagwegwesi ngobuhle bomdlalo, ephawula ukuthi isimo esibi senkundla besidinga indlela ehlukile yokudlala.
Lapho umdlalo ukhomba ukuba nzima, imiyalelo yakhe ishintshele esitayeleni sokuthi bakwazi ukuntshontsha amaphuzu.
