EzintshaOrlando Pirates

Ingwazi iveza okubambezele uPedersen kwiPirates

U-Sebastian Pedersen akayiqalanga kahle impilo kwi-Orlando Pirates selokhu efikile evela eNorway.

Nesasasa ebelikubalandeli ngaye selize lehla njengoba lo mdlali engasabonakali eqenjini losuku lomdlalo muva nje.

UPedersen usadlale imidlalo emine kuphela, nayo engena esuka ebhentshini.

Umdlalo wakhe wokuqala kwiPirates waba kowandulela owamanqamu weMTN8 bebhekene neSekhukhune United ngoNcwaba. 

Uphinde wangena esuka ebhentshini emdlalweni owawulandela lowo, bebhekene neqembu elifanayo.

NgoMandulo wadlala eminye imidlalo emibili ilandelana, kodwa nakuyo wayengena esuka ebhentshini. 

Kusukela lapho akakaze aphinde abe yingxenye yeqembu njengoba engasabonakali nasebhentshini muva nje. 

U-Obinna Okafor, owayengumdlali wasesiswini kwiBenoni Premier United, usekhulume ngobunzima u-Sebastian Pedersen abhekene nabo.

“Ngake ngadlala eFinland, okuyizwe eliseduze neNorway, ngakho ngiyazi ukuthi mkhulu kangakanani umehluko,” kusho u-Okafor kwiKickOff.

“Okokuqala nje, isitayela sokudlala. Lapha eNingizimu Afrika ibhola lidlalwa phansi, kodwa eScandinavia badlala ibhola elibizwa nge-route one.

“Ibhola lakhona lisuka emuva liphuthunyiswe kumgadli, kodwa kwiPirates bayaligcina ibhola, baphaselane.

“Ingabe yena uyakwazi ukungena kulolu hlelo?”

U-Okafor uthi uPedersen udinga ukuzijwayeza indlela iqembu elidlala ngayo, ngoba akulona iqembu lonke elingashintsha indlela elidlala ngayo ukuze lihambisane naye.

Ngaphandle kwenkundla, kunezinye izinto eziningi okufanele azijwayele, okubalwa kuzo isimo sezulu, ukudla, isiko nendlela yokuphila. 

EScandinavia kubanda kakhulu, kanti eNingizimu Afrika isimo sezulu sihlukile. 

Lezi zinto zingaba nomthelela ekuzivumelaniseni komdlali wangaphandle nempilo yakhe entsha.

Nokho, u-Okafor uthi njengomdlali okhokhelwayo, u-Sebastian Pedersen kufanele akwazi ukubhekana nalezi zinselelo.

“Njengomdlali wangaphandle, kufanele ulethe into abanye abangenayo.

“Ngakho angazi ukuthi ukumbekezelela kuzoba ngokwesikhathi esingakanani,” kusho yena.

Okwamanje, ikusasa likaPedersen kwiPirates lisalokhu lingacacile.