
UNcikazi uchaza okwenze adonse uDion ‘esahlupha’ iBucs
Umdlali weGolden Arrows, u-Sede Junior Dion, ubebonakala engajabule ngesikhathi ekhishwa emdlalweni bebhekene ne-Orlando Pirates ngoLwesibili.
Uvele waphuma waqonda ngqo egunjini lokushintshela ngaphandle kokuthi aye ebhentshini ayoxhawula kozakwabo.
Kwabebebuka lo mdlalo, lokhu akubukekanga kahle njengoba kube sengathi ucasulwe wukuthi ukhishiwe.
Kodwa manje umqeqeshi we-Arrows uMandla Ncikazi useveze ukuthi yini eyenze lo mdlali aziphathe ngale ndlela.
“Bekumele ngabe asimfakanga kwaseqenjini lalo mdlalo,” kusho uNcikazi.
“Sihambe nomdlali owengeziwe ngoba uDion ubengemuhle ngokwempilo.”
Lo mgadli oneminyaka engu-28 ubephethwe wumkhuhlane omubi kakhulu.
UNcikazi uthe kwaze kwadingeka ukuthi ayiswe kudokotela osebenze ngaye ubusuku bonke.
Naphezu kwalokho, u-Sede Junior Dion ubezimisele ngokudlala ukuze asize i-Arrows kulo mdlalo obunzima.
UNcikazi uthi bekuyingozi ukumfaka emdlalweni, kodwa ukuzinikela kwakhe bekubonakala.
“Yingakho kuphoqe ukuthi ngimkhiphe, ubesewenzile umsebenzi wakhe,” kusho uNcikazi.
“Bekungamele simyeke aze aqulekele enkundleni njengoba sesake sabona kwenzeka phambilini.
“Ngibone esenze okwanele, benginethemba lokuthi ongene endaweni yakhe uzoqhubeka la egcine khona kodwa akwangenzeka kanjalo.”
IPirates igcine inqobe ngo 2-0 kulo mdlalo ngamagoli oBoitumelo Radiopane noBheki Mabuza.
- FUNDA NALA | Seyiqinisekisiwe inkundla yowamanqamu
UNcikazi uthi uDion ubezimisele ukusiza iqembu futhi ukugiimela kwakhe egunjini lokushintshela bekungengoba ecasukile.
“Unjalo-ke umsebenzi wethu. Kwesinye isikhathi siyaphoxeka, kwesinye sijabule kodwa asiyeki ukusebenza.”
UDion useshaye amagoli amahlanu kule sizini kuyo yonke imiqhudelwano.
- ZITHOLE ZISHISA!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
