
UCardoso ‘uzimbele igodi’ ngomlomo – iSafa icikekile nguye
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, u-Miguel Cardoso, kubukeka sengathi usezifake engcupheni yesimo esibi.
Sekuvele ukuthi iSAFA ihlela ukumbeka icala elingase liphethe ngokuthi ahlawuliswe kanzima uma limlahla.
I-Sports Wire isibike ukuthi iSouth African Football Association (SAFA) isiqoqe ubufakazi bezinkulumo zikaCardoso ekhononda ngokuphathwa kwemidlalo ngonompempe.
Lobu bufakazi buyiswe kwiPremier Soccer League (PSL) ukuze kuthathwe izinyathelo zokumjezisa.
Kuthiwa iSAFA ayisakuthandi ukukhononda kukaCardoso esidlangalaleni ngonompempe.
Uma lo mqeqeshi ephinde agxeke izikhulu zomdlalo ngendlela engafanele, le nhlangano ingase idlulisele ubufakazi kwiPSL, iphakamise ukuthi ajeziswe ngokungavunyelwa ukuhlala ebhentshini noma akhokhe inhlawulo enkulu.
Inkinga ukuthi onompempe bangaphansi kweSAFA, kodwa imidlalo yePSL ilawulwa yilolu phiko lweligi.
Ngakho-ke, iSAFA ayikwazi ukuzithathela izinyathelo zokujezisa u-Miguel Cardoso ngemidlalo yeligi, kodwa ingadlulisela udaba kwiPSL.
Kubikwa ukuthi iSAFA isiqoqe iziqeshana zamavidiyo nezinkulumo zikaCardoso emihlanganweni yabezindaba lapho ekhuluma khona ngokungagculiseki ngendlela onompempe abaphatha ngayo imidlalo.
UCardoso usanda kuvusa umsindo ngokukhuluma ngokuphathwa kwemidlalo, ikakhulukazi ngesikhathi iSundowns ishaya iDurban City ngo 4-1 eRustenburg ekuqaleni kukaNovemba.
Naphezu kokunqoba, lo mqeqeshi wakhuluma ngokungatholi amaphenathi ayewafuna, wakubiza ngokuthi kube yishwa.
Waphinde waqhathanisa lezo zigameko nezinto ezenzeka emdlalweni weSoweto Derby phakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
UCardoso uphinde wakhuluma ngokuphepha kwabadlali nangokungajeziswa ngokwanele kwezigameko zokudlala kabi.
Ngemuva komdlalo owandulela owamanqamu weCarling Knockout obuphakathi kweSundowns neChiefs, waphinde wakhumbula isigameko sokudlala kabi kukaSiphesihle Ndlovu kuKeanu Cupido ngesizini edlule.
Uveze ukuthi uCupido wahlinzwa ngenxa yokulimala futhi akakaze adlale kule sizini.
- FUNDA NALA | UNcikazi ucacisa eyokudonsa uDion koweBucs
Manje, njengoba iSAFA kubikwa ukuthi isiqaphe izinkulumo zakhe, u-Miguel Cardoso kuzomele aqaphele kakhulu uma iSundowns ibhekene neKruger United eSolomon Mahlangu Stadium ngoMgqibelo.
Lo mdlalo ubalulekile njengoba iSundowns ingase ibuyele esicongweni seBetway Premiership uma iwunqoba, kanti iPirates, ehlezi phambili, izobe idlala kwiCAF Champions League.
Uma uCardoso ephinde ebhoka ngolaka noma ekhuluma kabi ngonompempe, kungase kube nemiphumela emibi kuye.
- ZITHOLE ZISHISA!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
