
UBarker uzibonela amaphuzu ‘alahlile’ kwiChiefs
Umqeqeshi weStellenbosch uSteve Barker ubona iKaizer Chiefs ‘itithuba elihle lokuthola amaphuzu amathathu’.
La maqembu aseqale umbango oshubile kule minyaka embalwa edlule futhi azohlangana emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesihlanu ebusuku.
Amathukithi alo mdlalo ose-Athlone Stadium eKapa adayiswe aphela, kanti kulindeleke umdlalo oshisayo.
UBarker uzobe ethembele ekutheni iqembu lakhe libe nesikhathi esanele sokuphumuula njengoba lingazange lidlale maphakathi nesonto.
IStellies bekumele idlale neRoyal AM kuleli sonto, kodwa umdlalo wahlehliswa.
IChiefs idlale ngokulingana ngo 2-2 naMaZulu FC eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.
“Sijabule ngokudlala njengoba singadlalanga phakathi nesonto,” kusho uBarker kuleli sonto ngaphambi komdlalo.
“Futhi siwubheke ngabomvu umdlalo. Sinomoya omuhle, wonke umuntu uvuselelekile ekhempini yethu.
“Ukudlala neChiefs kuhlale kuwumcimbi okhethekile futhi kungelinye ithuba elihle kithina lokuthola amaphuzu aphelele…”
Yize uBarker ehlose ukuthi amaphuzu amsize akhuphuke kwilogi, ubheke nokuziphindiselela kuMakhosi.
IChiefs ishaye iStellies ngo 2-1 emasontweni ambalwa edlule, futhi manje yithuba layo lokubuyisa izinduku.
“Sidlale neChiefs muva nje ekuhambeni kanti ngeshwa asizange siwuthole umphumela ebesiwufuna.
“Umdlalo wethu wasekhaya manje futhi kuwumthwalo wethu ukuwunqoba.
“Bangaphezu kwethu kwilogi, ngakho ukuthola amaphuzu aphelele kubo kungasibeka endaweni enhle ngempela kwazise sisenemidlalo embalwa esiyigodlile.”
IStellies izobe engenaye umdlali wasemuva kwesokunxele uFaazaz Basadien, omisiwe ngemuva kokuqongelela amakhadi aphuzi amane.
Uma uBasadien engekho, u-Omega Mdaka, ophuma enkulisa yeChiefs kulindeleke ukuthi aqale emuva kwesokunxele kwezikaBarker.
IChiefs yona izobe ingenaye uGeorge Matlou olimele futhi ophuthelwe nawumdlalo waMaZulu.
