
UPitso okokozele iDowns, washaya amakhala ngoNabi weChiefs
UPitso Mosimane useveze imicabango yakhe ngesimo samaqembu amakhulu kuleli – iKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.
Uveze ukungabaza kwakhe ngokuphucuka kweChiefs ngaphansi kukaNasreddine Nabi, akagculisekile neze ngaye.
UNabi uthathe izintambo kwiChiefs ngaphambi kwesizini ka-2024/25 yeBetway Premiership kubhekwe lukhulu kuye.
Inhloso bekuwukubuyisa isithunzi seChiefs ngokwakha iqembu elizolwela isicoco.
Nokho iChiefs isadonsa kanzima. Igcine ukunqoba indebe ngo-2014/15, bephakamisa iMTN8 nesicoco seligi.
Kuze kube manje, iChiefs isanqobe imidlalo eyisithupha yeligi, yadlala ngokulingana kweyisithupha yahlulwa kwemine.
Isendaweni yesihlanu kwilogi ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-16, islalele emuva ngamaphuzu angu-17 kwiSundowns ezihola phambili.
Ekhuluma kwi-5FM kuleli sonto, uMosimane ukhulume ngekusasa lakhe kwezokuqeqesha.
Ube eseveza nemibono yakhe ngamaqembu amakhulu kuleli, wathi kwiSundowns nePirates kuhamba kahle, kodwa iChiefs ayigculisi.
“Anginankinga (nokuqeqesha emaqenjini amakhulu akuleli),” kusho uMosimane.
“Ngiyingcweti, futhi ngiqeqesha noma yikuphi emhlabeni inqobo nje uma kuwumsebenzi ofanele.
“Ngibazi bonke abaqeqeshi obabalile (oMiguel Cardoso, uJose Riveiro noNasreddine Nabi).
“Ngicabanga ukuthi iPirates inomqeqeshi osezingeni eliphezulu futhi kusahamba kahle, akufanele siyiphazamise.
“KwiKaizer Chiefs, uNabi uzama ukwenza okuthile. Uyafika lapho, kodwa akagculisi neze.
“Ngicabanga ukuthi uzama konke okusemandleni akhe, iChiefs iyiqembu elikhulu kunawo wonke ezweni.
“Osozigidigidi (iSundowns) bahle. Bengathenga noma ubani noma yingasiphi isikhathi.
“Bangakwazi ngisho nokuthenga uPep Guardiola uma bethanda.
“Ngiyajabula ukuthi ngaashiya endaweni enhle, futhi ngiyaziqhenya ngabo ngoba angizange ngishiye kunakele. Ngashiya izindebe.”
