
UMabuza udalula iqhinga eliweze iPirates kowe-Arrows
Umdlali we-Orlando Pirates, u-Bheki Mabuza, usedalule ukuthi yini ebasize ukuthi bagcine bekwazile ukugqashula kwiGolden Arrows ngoLwesibili ebusuku.
UMabuza ungene esiwombeni sesibili, waba nomthelela omkhulu kulo mdlalo weBetway Premiership obuse-Orlando Amstel Arena.
Ungene wasiza ekwakhiweni kwegoli lokuqala, ngaphambi kokuthi naye azifake emabhukwini ngokushaya elesibili, iPirates inqoba ngo-2-0.
Bekungelula neze ukugqekeza i-Arrows, ebivale kahle emuva njengoba iPirates ibihluleka ukuzenzela ikakhulukazi phambili.
Bese kubonakala sengathi umdlalo uzophela kungu-0-0, kodwa uMabuza ube yisixazululo ezinkingeni zePirates.
Uthi ngesikhathi engena emdlalweni, ubeyalelwe ukuthi athole izikhala ngemuva kwabadlali basemuva be-Arrows.
“Umdlalo ubudlalwa ngesivinini esikhulu, nalapho ngingena besivele siphezulu.
“Bekufanele ngibheke ukuthi ngingazithola kuphi izikhala.
“Ngiyalelwe ukuthi ngithole izikhala ngemuva kwabadlali basemuva,” kusho uMabuza.
Uthi ubeyalwe nangokuthi axhumane noThalente Mbatha, ukuze bakwazi ukuvula izikhala ebebengazisebenzisa ukuhlasela i-Arrows.
“Ngithe uma ngingena, ngatshelwa ukuthi ngixhumane noThalente, ngizame ukuvula izikhala.
“Njengoba nibonile ngephasi engimthumelele lona, yena walidlulisela kuBoitumelo Radiopane, wabe eseshaya igoli,” kuchaza yena.
Yilapho-ke iPirates igcine ikwazile khona ukuvula umdlalo, njengoba uMabuza ethole uMbatha, yena wabe esedlulisela ibhola kuRadiopane, oshaye igoli lokuqala.
Akagcinanga lapho uMabuza. Kuthe ngesikhathi esengezwe ngunompempe emdlalweni, wathole ibhola ebelivela ku-Oswin Appollis, walibeka enethini ngobuchule.
U-Bheki Mabuza uthi abalandeli be-Orlando Pirates nabo babe nesandla esikhulu ekutheni iqembu lingalahli ithemba ngesikhathi umdlalo usunzima.
“Abalandeli yibo abasinika ugqozi lokuthi siqhubeke noma umdlalo usunzima.
“Amandla abo ayasisiza ukuthi singalilahli ithemba, siqhubeke silwe.
“Basipha lawo mandla kusukela umdlalo uqala kuze kube uyaphela,” kusho yena.
UMabuza usuke ebhentshini, kodwa wagcina esengumdlali oshintshe umdlalo okuyinto umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou ahlezi eyisho.
- FUNDA NALA | UNcikazi ubhuqe u-Ouaddou
Usize iPirates ukuthi iqoqe amaphuzu amathathu, bese inyukela phezulu kwilogi yeBetway Premiership.
IPirates isizobhekana nomsebenzi ohlukile, njengoba izodlala neSimba SC eTanzania ngeSonto, emdlalweni wayo wokuqala wesigaba samaqoqo kwiCAF Champions League.
- ZITHOLE ZISHISA!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
