
Ingwazi incoma ithonya likaYanela Mbuthuma kwiPirates
Owayengumgadli we-Orlando Pirates, uMarks Maponyane usencome uYanela Mbuthuma ngokukhula kwakhe kumaBhakabhaka kule sizini.
UMbuthuma usayinwe yiPirates esuka kwiRichards Bay FC kungazelele muntu kanti usekhombise izimpawu ezithembisayo kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala usengomunye wezethenjwa zomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.
Ukufika kwakhe nomthelela abe nawo wenze kwabolekiswa ngomakadebna uTshegofatso Mabasa.
Usephinde wadlula no-Evidence Makgopa ekuqokweni eqenjini eliqala imidlalo njengoba sekunguye umgadli ophambili.
Ngaphezu kwalokhu uYanela Mbuthuma wemukelwe ngezindlela ezehlukene ngabalandeli njengoba kukhona abamngabazayo namanje.
Kodwa-ke, u-Ouaddou usekuveze kaningi ukuthi ikhono lakhe lidlulela ngalé kokushaya amagoli — umbono uMaponyane awusekela ngokugcwele.
Ekhuluma neSoccerBeat, uMaponyane ugqamise iminyakazo kaMbuthuma nekhono lokuhlupha izitobha njengethinya elibalulekile.
“Uma ubonile, udonsa abadlali basemuva futhi uyinkathazo ebhokisini. Akami ndawonye.
“Futhi ungumdlali owuhlupho emabholeni asemoyeni njengamanje,” kusho uMaponyane.
Uphinde waqhathanisa isitayela sikaMbuthuma nesalowo owayengumgadli weBucs phambilini uThamsanqa Gabuza.
“Ungamfanisa noGabuza, kodwa yena onokuthile okuhlukile kancane. Akamukhulu, kodwa ugxuma kahle. Lokho kuyinto ebalulekile ngaye.”
Njengoba uYanela Mbuthuma ehola ukuhlasela kwiPirates, indlela adlala ngayo seyivulele abadlali abafana noRelebohile Mofokeng no-Oswin Appollis intuba yokuzitamuzela amagoli.
Ungomunye wabadlali okulindeleke babe nomthelela emdlalweni wangeSonto lapho iPirates izohlangana nembangi yayo endala iKaizer Chiefs eFNB Stadium.
