EzintshaOrlando Pirates

IPirates isicathamela omunye umdlali weStellies

I-Orlando Pirates ibuyela kwiStellenbosch FC ngoJanuwari. Kulokhu, igxile kuJayden Adams. 

Lezi zinkuzni zaseSoweto zimagange ukusayina lo mdlali ogijima nakwiBafana Bafana ukuqinisa iqembu ngoJanuwari. 

AmaBhakabhaka ahlanganisa imizamo yokuqedela isivumelwano sokudayiselana ngokushesha. Bafuna ukuthi ziphothulwe ngoJanuwari. 

U-Adams, ongumdlali wasesiswini onekhono, udonse amehlo amaqembu amaningi, kanti iPirates ifuna ukumthola kuqala kunezinye izimbangi. 

Indlela u-Adams adlale ngayo kwiStellenbosch nakwiBafana ibe yinhle kakhulu.  

IPirates ikholwa wukuthi u-Adams angakwazi ukwengeza ikhwalithi esiswini. 

“Bafuna umdlali onekhono lokuhlanganisa iminyakazo esiswini,” kusho umthombo. 

“Yena ungumdlali onalo lleo khono futhi lingahambisana nendlela yabo yokudlala.  

Izingxoxo zisaqhubeka, ngokusho kwemithombo. “Sekulele kwiStellenbosch ukuthi izothini. Nokho iPirates iyazethemba. 

“Banethemba lokuthi bazovumelana nabo bobabili umdlali neqembu lakhe,” kusho omunye umthombo.  

U-Adams kuthiwa usevuleleke ukushintsha iqembu. Ukujoyina iPirates kungase kuthuthukise ibhola lakhe. 

IPirates ibonakala izomnikeza ithuba lokuziveza ezingeni eliphakeme futhi akwazi ukuqoqa izindebe nezindondo. 

EZimnyama zizimisele ngokuqinisa isikwati. Zihlose ukulwela isicoco seligi kanti u-Adams ubukeka ezosiza kulokho. 

Ukwengeza u-Adams kungathuthukisa amathuba ayo. Iwindi likaJanuwari lokudayiselana ngabadlali lizoba mqoka. 

IPirates ifuna isivumelwano senziwe kusenesikhathi, bese siphothulwa ukuze asheshe ayijoyine ngoJanuwari. 

Yisikhathi esesoyocacisa ukuthi amaBhakabhaka ayamthola yini lo mdlali.

 IPirates isivele inaye uDeano van Rooyen emabhukwini ayo, emsayine esuka kwiStellies ngoSepthemba.

Kukholakala ukuthi buhle ubudlelwano phakathi kwayo neStellies okwenza abe mahle amathuba okuthi imthole u-Adams.