
Okuthandwe uMotaung Jr ngeKaizer Chiefs kowe-Al Masry
Umqondisi weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jr uyavuma ukuthi bekungaba kuhle ukube bakwazile ukuzibekisela indawo esigabeni somkhumulajezi kwiCAF Confederation Cup kusasele umdlalo owodwa.
Lokho bekungenzeka ngokuthi leli qembu linqobe ngamagoli amabili noma ngaphezulu ngesikhathi libhekene ne-Al Masry.
Ligcine linqoba ngo 2-1. Nokho UMotaung Jr ugculisekile ngokuthi kusesezandleni zabo njengoba kubhekwe emidlalweni yokugcina.
IChiefs izolibangise eCairo ngempelasonto ukuyobhekana neziqhwaga zase-Egypt iZamalek.
Izoya lapho yazi ukuthi ukugwema ukuhlulwa kuzobe kwanele ukuzibekisela indawo esigabeni somkhumulajezi.
Njengamanje Amakhosi aqhwakele kuGroup D ngamaphuzu angu-10 emidlalweni emihlanu kulandela ukunqoba imidlali emithathu kulandelana.
Ngemuva kokungoba kabili kulandelana kwiZesco United, iKaizer Chiefs iqinise indawo yayo ngokunqoba ngo 2–1 ihlula i-Al Masry ePeter Mokaba Stadium ngeSonto.
“Siwalwele kanzima amaphuzu amathathu okuyinto esisa lapho sifuna ukuba khona, sesisondele kakhulu,” kusho uMotaung Jr kwiSABC Sport ngemuva komdlalo.
“Kusenomsebenzi omningi okufanele wenziwe. Izinto zingahamba ngezindlela ezihlukene, ngakho-ke kunomsebenzi omkhulu osihlalele e-Egypt.”
UMotaung Jr uncome umzamo weqembu, egqamisa ukuzibophezela kwabadlali, ithimba labaqeqeshi nobuholi beqembu.
“Kumele sincome abadlali abalwayo ngoba banikeze yonke into enkundleni, abaqeqeshi abenza kpnle okusemandleni…”
Ngomdlalo we-Al Masry, uMotaung Jr uvumile ukuthi abadlalanga ngendlela egculisayo kodwa washayela ihlombe ukukhombisa ukuqina kweqembu.
“Bekungewona umdlalo omuhle, kodwa besazi ukuthi kufanele siwine,” kuchaza uMotaung Jr.
“Besingathanda ukunqoba ngamagoli amaningi, kodwa okuhle wukuthi ukuzimisela nesibindi bekukhona.
“Ekupheleni kosuku, sithole amaphuzu amathathu futhi sazibeka esimweni la kusezandleni zethu ngesonto elizayo.”
FUNDA NALA | Okuphoxe uKhune ngeChiefs ishaya i-Al Masry
IKaizer Chiefs manje isizogxila emdlalweni omqoka neZamalek, la kuzocaca khona ukuthi iyadlulela yini esigabeni somkhumulajezi.
