
IGallants iconsa amathe ngolaxazwe yiPirates
IMarumo Gallants isivuselele intshisekelo yayo yokusayinisa umdlali wasophikweni uKatlego Otladisa, osanda kulaxazwa yi-Orlando Pirates.
U-Otladisa uchithe isizini edlule ebolekiswe kwiSekhukhune United kodwa wagcina esenyamanambana kuleli qembu.
Lokhu kulandela izinsolo zokuthi wahilizisana nomunye wabadlali abaphambili kwiSekhukhune uKeletso Makgalwa.
Lokhu kwenze ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala agcine edlale imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela yeBetway Premiership kwiBabina Noko.
IGallants kuthiwa izimisele ukuqinisa iqembu layo futhi asebone lo mdlali oke wagijima kuyo phambilini engaba wusizo.
U-Otladisa uke wavelela kuleli qembu nokuyilapho antshontsha khona amehle ePirates.
Lo mdlali onekhono usezimisele ngokuvuselela umsebenzi wakhe ngemuva kokubambezeleka kumaBhakabhaka.
Ukubuyela eqenjini alijwayele kungamnikeza ukuzihlela kabusha akudingayo.
Yize kungekho zingxoxo ezisemthethweni okwamanje, abangaphakathi baveza ukuthi iGallants isivele ike yabuza ngokutholakala kwalo mdlali.
“Kube namaqembu ambalwa akhombise intshisekelo kodwa engiyaziyo ukuthi izimisele ngampela yiMarumo Gallants.
“Bayamazisa lo mdlali ngoba ubenzele kahle phambilini futhi ungamangali ukumbona ebuyela khona,” lucashunwe umthombo usho kanje kwiCitizen.
FUNDA NALA | UBroos ubuyisele uMbule noMoloisane kwiBafana
IGallants isivele ibuyise omunye umdlali wayo wakudala eyayimdayisele iPirates uNdabayithethwa “Mini Cooper” Ndlondlo.
Naye uNdlondlo udedelwe yiPirates ekupheleni kwesizini edlule ulandela ukuthi ebonakale engasekho ezinhlelweni zeqembu ukuya phambili.
