
UMngqithi ukhihla esikaNandi ngokubanjwa ngophondo
Umqeqeshi weGolden Arrows, uManqoba Mngqithi, ukhwele wadilika kulokho akubiza ‘ngokwenzelela okusobala’ konompempe ngesikhathi behlulwa ngo 1-0 yiKaizer Chiefs.
Lo mqeqeshi onolwazi olunzulu naye usefake elakhe izwi kulabo abafuna kusheshiswe ukwethulwa kweVAR kwiPSL.
Abafana Bes’thende baphume benxapha bodwa eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, kodwa uMngqithi ugcizelela ukuthi iqembu lakhe lincishwe iphenathi ecacile.
Le phenathi beyidaleke ngesikhathi uSabelo Sithole edlaliswa kabi nguThabiso Monyane no-Inacio Miguel ngokuhlanganyela.
“Sonke sikubonile — bekuyiphenathi ecacile,” kusho uMngqithi obecasuke ethelwa ngamanzi.
“Ngaphandle kwe-VAR, amaqembu afana nathi abanjwa ngophondo kubuka izwe.
“Izinqumo ziyasiphikisa, futhi akwenzeki lutho ngemuva kwalokho. Ukube bekuyiklabhu enkulu, wonke umuntu ubezobanga umsindo.”
Yize yakhe amathuba amanini ngoSithole noJunior Dion, oshaye ipali, i-Arrows iphume ilambatha.
UMngqithi uthi ukungaziphenduleli konompempe kubulala ukuncintisana ngendlela efanele ebholeni lakuleli.
“Onompempe bayayekwa nje bazenzele. Ngisho noma isinqumo sisibi kanjani — impilo yabo iyaqhubeka nje.
“Kodwa kuya ngokuthi ngubani ogilekile. Kule Animal Farm, ezinye izilwane zinamalungelo amakhulu kunezinye,” kuqhuba yena.
UMngqithi wengeze ngokuthi amakilabhu amancane awakutholi ukukhulunyelwa okufanayo uma oniwe.
FUNDA NALA | UBroos uveza okumkhathaza ngoNkota
“Ngoba yiGolden Arrows, akekho okhulumayo. Kodwa ukube bekuyiqembu elibizwa ngelikhulu, ngabe kuthiwa yinenkinga enkulu yonompempe.
“Ngeke thina maqembu amancane siwine ngaphandle kweVAR,” kwengeza lo mqeqeshi.
