EzintshaKaizer Chiefs

Okushiwo uCross eqokwa yedwa kwabeChiefs kwiBafana

Umdlali we-Kaizer Chiefs okunguye yedwa oqokelwe kwiBafana Bafana u-Bradley Cross uthi akanandaba nezinkulumo eziqhubekayo ezinkundleni zokuxhumana.

UCross uthole indawo kungazelelwe eqenjini labadlali abangu-26 likaHugo Broos eliya kwiNdebe yoMhlaba ngenyanga ezayo.

Ukufakwa kwalo mdlali wasemuva oneminyaka engu-25 ubudala kususe inkulumompikiswano. 

Bekukade kuqokwe abadlali abane kwi-Kaizer Chiefs, kodwa ekugcineni kusale u-Bradley Cross yedwa. 

Ngenkathi abanye abalandeli bebungaza ukukhethwa kwakhe, abanye babuze ukuthi ngabe ufanelwe yini yile ndawo.

“Mna angigxili kakhulu ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uCross ngoLwesine ekhuluma ngaphambi wangoLwesihlanu.

“Ngincamela ukunamathela kimina nalokho engingakwazi ukukulawula. 

“Njengoba ngishilo ngaphambili, ngihlezi ngisebenza kanzima, ngifake ikhanda phansi bese ngibheka phambili.”

UCross uke wadlala emaqenjini esizwe amancane ngaphambi kokuthi aye phesheya.

“Kusukela ngisemncane, bengisezinhlakeni zentsha,” kuqhuba yena. 

“Ngicabanga ukuthi ngangena ku-Under 20 ngineminyaka engaba ngu-16 ubudala ngase ngiya phesheya ngemuva kwalokho.

“Isinqumo sami sokuwukubuyela eNingizimu Afrika ngoba ngihlose ukungena esikwatini seBafana Bafana. 

“Kusukela lapho bengisebenza kanzima ngaso sonke isikhthi futhi ngihlala ngigxile emsebenzini wami.”

Ukufakwa kuka-Bradley Cross kuwubufakazi bokuzikhandla kwakhe okubonakale ngokwenza kahle ngesizini edlule.

Manje njengoba sekusondele iNdebe yoMhlaba, lo mdlali wasemuva we-Kaizer Chiefs usethubeni lokuthulisa abangabaza ikhono lakhe.