Bafana BafanaEzintsha

UBroos ucacisa umbono wakhe ngeBafana Bafana ye-Afcon

Njengoba kunemibuzo ekhulayo ngabadlali abashiye ngaphandle, umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, useveze ukuthi usenawo umbono ngeqembu lakhe le-Afcon ezayo.

IBafana Bafana izodlala kwi-Africa Cup of Nations, ezosingathwa yiMorocco kusukela ngoDisemba 21 kuya kJanuwati 18. 

Njengoba sekuzoba nomdlalo wobungani neZambia kule mpelasonto, uBroos -ongagwegwesi – uzobe ebheke ukuhlunga iqembu azoya nalo kulo mqhudelwano. 

Lo mqeqeshi owine i-Afcon ka-2017 neCameroon ubhekane nemibuzo yizintatheli ngabadlali abathile obekubhekwe ababuyisele eqenjini lakhe.

UMduduzi Shabalala, uRelebohile Mofokeng, noThembinkosi Lorch ngabanye balabo ‘okumangazile’ ukushiywa kwabo ngaphandle eqenjini lakamuva.

Kodwa lo mqeqeshi waseBelgium ugcizelele ukuthi yena usenawo umgogodla weqembu lakhe, sekungaba wukugcwalisela nje lapha nalaphaya. 

“Lona wumdlalo wokugcina esingahlinzeka ngawo amathuba kubadlali abasha,” kusho uBroos. 

“Bambalwa abadlali abasha abaseqenjini ngoba sengibazi kahle abanye abadlali futhi bekungadingeki ukuthi ngibahlole emdlalweni ozayo. 

“Kodwa ngithathe ithuba lokuthi ngibone abadlali abasha ukuthi baziqeqesha kanjani ngiphinde ngihlole isimo sabo sengqondo ngobacabangela ikusasa.

“Senganwo cishe u-75% kuya ku-80% wabadlali abazoba seqenjini lokugcina le-Afcon – nginombono ocacile engqondweni yami. 

“Kodwa kunezinqumo ezizodinga ukwenziwa. Ukwenza isibonelo nje, uRelebohile Mofokeng noSiyabonga Ngezana abekho kuleli qembu. 

“Kuzoba nzima, futhi kuzofanele kwenziwe izinqumo ezinqala,” kuqhuba lo mqeqeshi weBafana Bafana okubhekwe enze kahle kulo mqhudelwani.

Bobabili uNgezana noMofokeng bebelimele emasontweni ambalwa edlule futhi basanda kuqala ukudlala futhi kungenzeka babe sebelunge ngokuphelele ngesikhathi se-Afcon.