EzintshaOrlando Pirates

Izovezwa kumabonakude ekaSaleng ne-Orlando Pirates

Lokhu kulindeleke ukuthi kwenzeke kuchungechunge oluzokhonjiswa kumabonakude oselubhekwe ngabomvu oluzoqala ngoJulayi 27. 

Lolu chungechunge luyingxenye yohlelo lweminyaka yonke la iPirates ikhombisa obekwenzeka eqenjini ngaleyo sizini. 

Isikhangiso esikhishwe yiPirates ngoMsombuluko sesisuse isasasa ngale ndaba kaSaleng nokunyamalala kwakhe eqenjini. 

Kuvela ukuthi ekugcineni abalandeli bangase bathole izimpendulo ngodaba lokunyamalala kuakSaleng. 

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala udlale imidlalo engu-13 kuphela kule sizini. 

Ugcine ukubonakala eqenjini ngoDisemba 2024 ngesikhathi iPirates ibhekene ne-Al Ahly.

Kusukela lapho, uMonnapule Saleng akakaze akhulume esidlangalaleni, ngokunjalo ne-Orlando Pirates. 

Nokho kubukeka kuzovela konke kulolu chungechunge njengoba kuvele amazwibela athembisayo esikhangisweni.

Kulamazwibela kuvela obengumqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro exosha uMonnapule Saleng egunjini lokushintshela.

Ngemuva kokuthetha, ube esebuza ukuthi ukuphi uMohau Nkota, okuphakamisa ukuthi ufuna ukusebenzisa yena esikhundleni sikaSaleng.

Kamuva lapho esekhuluma, ubonakala ebuza: “Ngabe ngivumelekile ukukhuluma ngoSaleng?” 

Ube esevunyelwa ukuthi engaqhubeka akhulume, bese eqinisekisa ngokuthi, “Uqinisekile?”. 

Lokhu sekususe isasasa futhi abalandeli sebejahe lufike usuku lokuthi lolu chungechunge luboniswe kumabonakude ukuze bazizwele okwenzeka.

UMonnapule Saleng ubengomunye wabadlali abebephambili kwi-Orlando Pirates kumasizini edlule.

Waziwa ngejubane lakhe, ubuhlakani nekhono lokushaya amagoli abalulekile. 

Ukunyamalala kwakhe kungazelelwe kwasusa omkhulu umsindo nokuqagela ngekusasa lakhe.

Manje, ngalolu chngechunge, iPirates ingase ikuveze obala okwenzeka ngalo mdali ongaconsi phansi kubalandeli.