Carling Knockout CupEzintsha

IGallants ibheke ukushipha kudliwa ngokuphoxa i-Arrows

Ngu-Alfred Ngibane

IGolden Arrows izobhekana neMarumo Gallants kanti umdlalo uqala ngo-3 ntambama futhi womabili amaqembu aya kuwo nokuthile afuka ukukubonakalisa.

Umqeqeshi we-Arrows, uManqoba Mngqithi, uxwayise abadlali bakhe ngokuyithatha kancane iGallanga yize beyihlule ngo 4-0 emdlalweni weligi kuyo le nkundla ngeSonto eledlule.

“Umdlalo wendebe awufani noweligi ngoba kowendebe uma wenza iphutha ukhishwa ngokushesha,” kusho uMngqithi.

“Ngitshele abadlali bami ukuthi umlando wethu wokubashaya ngesonto eledlule awusabalulekile enkundleni, kodwa usebenza ezincwadini zomlando.”

KuMngqithi, lo mdlalo uletha izinkumbulo. Wahola i-Arrows inqoba indebe okokuqala — iMTN8 — kudala ngo-2009. 

Manje, ngemuva kweminyaka engu-16, usele ngomdlalo owodwa nje kuphela ukuthi ayifake komunye umdlalo wamanqamu.

Ngakolunye uhlangothi, iMarumo Gallants izimisele ukujika izinto – ishiphe kudliwa eKing Zwelithini Stadium. 

Umqeqeshi u-Alexandre Lafitte, ongumqeqeshi omncane kunabo bonke kwi-PSL, ugcizelela ukuthi iqembu lakhe lifunde lukhulu ekuhlulweni kwalo ngeSonto elidlule.

“Ngitshele abadlali bami ukuthi bakhohlwe ngomdlalo odluel lapho sishaywe khona ngo 4-0.  Lona umdlalo wevdebe obaluleke kakhulu kithina,” kusho uLafitte.

  • Ibophele kanje iGallants (4-3-3): Arubi – Bance, Ncube, Cabatsane, Sikhosana – Nhlapo, Mabuza, Sithole – Erione, Otladisa – Ndlondlo
  • Ebhentshini: Mlambo, Adetu, Msendami, Mabotja, Manaka, Karidioula, Clifford, Mhlongo, Mphambaniso
  • I-Arrows ibophele kanje (4-3-3): Ngcobo – Madonsela, Cele, Jiyane, Mantshiane – Maxwele, Cisse, Dlamini – Khumalo, Ndlovu, Junior Dion
  • Ebhentshini: Mbanjwa, Kobedi Van Rooi, Keenan, Matlaba, Shitolo, Suthole, Karelse, Theron