
UKeagan Dolly ubhoboka ‘ngokuyimba ngamafosholo’ kuMakhosi
Owayengukaputeni weKaizer Chiefs, uKeagan Dolly, uwachithile amahlebezi okuthi wayehola u-R1 million nyanga zonke ngesikhathi ekule kilabhu.
UKeagan Dolly, oneminyaka engu-31, ujoyine iChiefs ngoJulayi ka-2021 esuka kwiMontpellier edlala kwiLigue 1 yaseFrance.
Wayekade esehlale iminyaka emine yonke eFrance.
Engxoxweni abe nayo noRobert Marawa kwiMarawa Sports Worldwide kueli sonto, uDolly uzwakalise ukumangala ngalo mholo amataniswa nawo.
“Ukube bengihola leyo malo, ngabe ngisebhishi ndawana thize njengamanje,” kuncokola uDolly ebuzwa ngamahlebezi ka-R1 million.
UMarawa uphinde waveza ukuthi uDolly kubikwa ukuthi ubehola imali efanayo eFrance, okuthiwa iChiefs yamthembisa yona ukuze imhehele eNaturena.
UDolly ukuchithile lokhu ebuza umthombo walolu lwazi athi lwamfakela ingcindezi.
“Ubani owayethe ngangihola isigidi kwiMontpellier?” ebuza kuzwakala ukuthi akazi naye ukuthi lamahlebezi aqalaphi.
UDolly ukhumbule ukuthi wabona kuTwitter ukuthi uhola u-R1.4 million nokuyinto eyamethusa.
“Akulona neze iqiniso lelo,” kusho yena, engeza ngokuthi abantu abaningi bawakholwa lamahlebezi, kwanda ingcindezi kuye.
“Abantu bebengibuka njengomdlali ohola kakhulu kwiligi, bese bebuze ukuthi yini le engaka engiyenzayo,” usho kanje.
Le ngcindezi yamenza wazizwa edinga ukwenza okungaphezu kwamandla akhe.
Uthi wayehlezi ezama ukwenza okungaphezu kwalokho okwakudingwa kuye eqenjini.
“Bengibona sengathi kufanele ngenze umsebenzi wawo wonke umuntu, ngikhohlwe ukudlala indawo yami,” kuvuma uDolly.
Amahlebezi angamanga omholo, uthe, afaka ingcindezi engenasidingo kanye nengcindezi emsebenzini wakhe kwiChiefs.
