Kaizer ChiefsOrlando Pirates

‘Imihuzuko’ yedabhi kwi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs 

Zombili lezi ziqhwaga zizophoqeleka ukuthi ziwahlele kabusha amaqembu azo emidlalweni yaleli sonto yeBetway Premiership.

Amakhosi azobhekana neRichards Bay ngoLwesibili ngaphandle koomdlali wayo wasemuva onamava uZitha Kwinika. 

Lo makadebona uthole ikhadi lakhe sesine eliphuzi ngesikhathi behlulwa ngo 3-0 yiPirates, nokuholele ekutheni amiswe umdlalo owodwa.

Ukuvala isikhala, iKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi yenze lezi zinguquko ezilandelayo:

  • U-Aden McCarthy: Kungenzeka abuyele endaweni yakhe yemvelo emuva maphakathi nenkundla ngemuva kokuqala kwesokunxele emuva kwidabhi.
  • U-Inacio Miguel: Lo mdlali wase-Angola, useluleme kanti udlale okokuqala ngemuva kwamasonto ambalwa bebhekene nePirates.
    Nguyena okubhekwe ukuthi adlale noMcCarthy emuva maphakathi nenkundla.
  • Kwesokunxele emuva: Njengoba uMcCarthy engase abuyele maphakathi nenkundla, abaqeqeshi bangase bakhethe phakathi kukaPaseka Mako noBradley Cross ozodlala ophondweni lwesobunxele.

I-Orlando Pirates izobe ingenaye uMdlali wayo obeVelele kwidabhi, uKamogelo “Mamosha” Sebelebele uma seyibhekene nePolokwane City ngoLwesithathu. 

NjengoKwinika, uSebelebele uthole ikhadi lakhe lesine eliphuzi ngesikhathi salo mdlalo omkhulu wangempelasonto.

UDeon Van Rooyen: IPirates kulindeleke ifake uDeano Van Rooyen ophondwnei lwesokudla emuva.
UVan Rooyen ubevele edlala ngokushintshana noMamosha kule ndawo kule sizini. 

Imbangi yamaBhakabhaka kulo mdlalo wangoLwesithathu, iPolokwane City, nayo inomdlali obalulekile omisiwe. 

Izobe ingenaye umdlali wasesiswini uNdamulelo Maphangule, othole ikhadi eliphuzi lesine ngesikhathi benqoba ngo 2-0 kwiMagesi FC ngoLwesihlanu.

Kubhekwe umdlali wasesiswini waseZimbabwe uJuan Mutudza ukuba kube nguye ongena kule ndawo kaMaphangule.

UMutudza uvele ungene endaweni kaMaphangule ngasekupheleni kwalo mdlalo wangoLwesihlanu njengoba umqeqeshi ubefuna ukumbona wenza kanjani.

Manje njengoba sekusele imidlalo engu-12 ukuba kuphele isizini, yonke imidlalo ingase ibe nomfutho owengeziwe futhi wonke amaphuzu azobaluleka.

I-Orlando Pirates ilwela isicoco seligi, kanti isitha sayo esidala iKaizer Chiefs manje isilwela ukuqeda emaqenjini amathathu aphezulu.