
U-Itu Khune ugxeka ‘onontandakubukwa’ beKaizer Chiefs
Ingwazi yeKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune seyikhwele yadilika kubadlali besimanjemanje ethi bajahe udumo kunokusebenzela amaqembu abo.
Uthi abadlali bamanje baphilela udumo ezinkundleni zokuxhumana, futhi abasakulambele ukuba yizihlabani enkundleni.
Le nsizwa eneminyaka engu-38 ubudala izishaya isifuba ngomsebenzi wayo weminyaka engu-25 eNaturena nemidlalo engu-91 kwiBafana Bafana.
Uthi kumphatha kabi ukungakhathazeki kwabadlali beChiefs abakhona njengamanje ngokuthi abanandaba nokuba seqenjini lesizwe.
UDUMO LWEZINKUNDLA ZOKUXHUMANA
Ekhuluma noThabiso Sithole kwiBeyond Game Day kwi-eNCA, uKhune uveze ukuthi isikhathi samanje siphazamisa abadlali.
Yize engabizanga mdlali ngegama, kodwa kubadlali beChiefs abasanda kuthrenda kukhona uGeorge Matlou.
Waba nedumela ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi ehlekisa ngokulingisa uMukoko weSt Eloi Lupopo.
“Kunabadlali abagxile ezinkundleni zokuxhumana. Abasebona abadlali bebhola, bangonontandakubukwa,” kusho uKhune.
“Abadlali bamanje abasenandaba nemisebenzi yabo yasenkundleni.”
U-Itu Khune ugqamise umkhuba oshaqisayo wokuncipha kokumeleleka kweKaizer Chiefs kwiBafana.
Ubalule ukuthi abadlali baMakhosi bebengekho emiqhudelwaneni ye-Africa Cup of Nations emibili edlule.
ABAZINIKELE
Ukhale ngokuzinikela, wenza izibonelo ngayekwenza ngisho esekhaya kwakhe ukuphucula ikhono lakhe.
UKhune uveze ukuthi ubejwayele ukuzicija indlela asusa ngayo ibhola egcekeni lakubo.
Uzwakalise ukushaqeka ngokuthi abadlali abasebancane, okuhlanganisa nowangena esikhundleni sakhe uBruce Bvuma, abazikhathazi.
Uthi ubona kungabakhathazi nakancane ukuthi akukho noyedwa kubo obizelwa eqenjini lesizwe muva nje.
“Ngesikhathi sethi emafonini besinoFacebook kuphela. Ubungena kuwo, uphume, ubeke ifoni eceleni bese ugxila emsebenzini wakho,” kuchaza yena.
“Umsebenzi wethu webhola besiwuthathela phezulu futhi siwuhlopha kakhulu.”
FUNDA NALA | Sithole udilikajele isikhulu sebhola esikhabanisile
Ukhuluma kanjena nje u-Itu Khune abalandeli bakhala ngokuthi kumele kukhucululwe kwiKaizer Chiefs.
Bakhala ngokuthi kumele kusayinwe abadlali abasezingeni eliphezulu, kuqashwe nomqeqeshi onamava.
