
URibeiro uncoma ikhwalithi yabadlali kuleli
- Intatheli yeLISENETHINI
Umgadli weMamelodi Sundowns uLucas Ribeiro Costa uthi uyamangala ukuthi iNingizimu Afrika inabadlali abahle kangaka kodwa abayi phesheya.
URibeiro ujoyine iMasandawana ngoJulayi ka-2023 esuka kwiSK Beveren yaseBelgium.
Ube nesizini enhle nallei qembu laseChloorkop, eshaya amagoli angu-13, wakhela nozakwabo ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-37 kuyo yonke imiqhudelwano.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala uphinde wasiza iqembu lakhe ukuvikela isicoco salo seBetway Premiership futhi lanqoba i-African Football League yokuqala.
Engxoxweni yakhe nabezindaba, uRibeiro uveze ukuthi selokhu efika kuleli, uthuswa yikhwalithi iligi yaseNingizimu Afrika enayo ngisho nasemidlalweni yamazinga aphansi.
“Okokuqala, kwaba isimanga ukubona abadlali abasezingeni eliphezulu besadlala kule ligi,” kusho uRibeiro.
“Ungalindela ukuthi abadlali abakuleli zinga ngabe badlala eYurophu kakade.
“Baningi abadlali esengibabonile esikwatini sethu nakwamanye amaqembu abasezingeni eliphezulu.
“Yilokho engakuqaphela lapho ngifika, ukuthi leli qembu neligi linabadlali abasezingeni eliphakeme, isibonelo salokho uRonza (uRonwen Williams).
“URonza uyikhwalithi ngokwanele, ngazizwa ngibuhlundu enganqoni kwiBallon d’Or nangokuthi akekho eYurophu emaqenjini aphezulu.
“Ukunqoba kwakhe bekungavulela inqwaba yabadlali baseNingizimu Afrika iminyango emaqenjini aphesheya.
“”Yilokho engakubona lapho ngifika kuleli lizwe ngokweqophelo labadlali,” kwengeza lo mdlali odabuka eBrazil.
