
Imenenja icacisa ngoMhango ofunwa ngapha nangapha
– Intatheli yeLisenethini
UGabadinho Mhango, ongumgadli odabuka eMalawi, ungomunye wabagadli abaphambili kwiPremier Soccer League ngakho akuthusi ukuthi kuhlezi kunamahlebezi ngekusasa lakhe.
Nakulokhu asekhona amahlebezi ngaye kulandela ukudayiswa kweMoroka Swallows abedlala kuyo ngesizini edlule.
Sekuvele amaqembu ambalwa aveze ukuthi engajabula ukwamukela lo mgadli uma kuwukuthi uzithola engasenakhaya.
Kodwa ngokusho kwemenenja yakhe, uMike Makaab, kwiFARPost lo mgadli osemnkantshubomvu angase ahlale kwiMarumo Gallants.
IGallants iyona ethenge isitifiketi seMoroka Swallows sokudlala esigabeni esiphezulu, iDStv Premiership.
UMhango ubejoyine iMoroka Swallows esuka kuMaZulu FC ekuqaleni kwesizini edlule.
Ngesizini yakhe yokuqala kuleli qembu laseSoweto, ube nomthelela obonakalayo, washaya amagoli ayisishiyagalombili kuyo yonke imiqhudelwano.
Ukusebenza kwakhe bekugqamile naphezu kobunzima leli qembu ebelibhekene nabo ebeliphazamisa ukusebenza kweqembu.
“UGabadinho Mhango ukwiMarumo Gallants; kungenzeka ahlale khona ngesizini ezayo,” ucashunwe esho kanje uMakaab.
Ukhuluma kanjena nje uMakaab kunamanye amaqembu adlala kwiPremiership, okukhona kuwo iChippa United neRichards Bay FC afisa lo mgadli.
UMhango uqale ukuzakhela igama kwiBloemfontein Celtic efika kuleli ngaphambi kokudlulela kwiBidvest Wits anqobe kuyo isicoco seligi ngo-2016-17.
Ukusebenza kwakhe kwi-Orlando Pirates kumakhele igama, waziwa njengomunye wabagadli abahamba phambili kwiligi yakuleli.
OLUNYE UDABA: IChiefs ifongqa isigqoko kwiSpurs ngomunye umdlali
Uma kubhekwa irekhodi lakhe lokuhlohla amagoli, uMhango usethubeni lokuba ngumdlali oqavile kwiMarumo Gallants ngesizini ezayo.
