
AmaZulu neRichards Bay emdlalweni omqoka womkhaya
AmaZulu FC azobe ebheke ukuvuselela amathemba awo okuqeda emaqenjini amane aphezulu uma esebhekene ne-Richards Bay eKing Zwelithini Stadium ngoLwesihlanu.
Lo mdlalo womkhaya baKwaZulu-Natal ubekelwe ukuqala ngo-7.30 ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
Usuthu ludonsa kanzima ngokwefomu. Aluwinile emidlalweni emine yeligi edlule futhi luhlulwe kwemithathu kulandelana.
Ukuhlulwa kwalo kwakamuva kuqhamuke neChippa United, elushaye ngo 2-1 ngoMashi 29.
Yize engenzi kahle muva nje, AmaZulu asahlezi endaweni yesikhombisa kwiBetway Premiership.
Alandela iPolokwane City esendaweni yesithupha ngamaphuzu amane kanti ashiya iGolden Arrows esendaweni yeshumi ngamathathu.
Umqeqeshi u-Arthur Zwane uzwakalise ukuphatheka kabi ngemiphumela yakamuva.
“Bekufanele siyishaye iChippa ukuze siqinise indawo yethu,” kusho uZwane.
“Sisemaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu, kodwa emidlalweni emine edlule, singenelwe amagoli afanayo.
“Bekumele senze kangcono.” UZwane uyavuma ukuthi sebenengcindezi manje ngenxa yemiphumela yakamuva engemihle.
“Sinikeze iChippa ithuba lokusixina. Uma singawunqobi umdlalo olandelayo, singaphuma emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu.
“Sizibekele ukuthi siqede emaqenjini amane aphezulu, kodwa silokhu sizilimaza ngokwethu.”
I-Richards Bay nayo idinga ukujika izinto. Ihlulwe ngo 3-1 yiPolokwane City ngoMashi 30, nobekungukuhlulwa kwayo okwesibili emidlalweni emithathu.
INatal Rich Boys ihlezi endaweni ka-13 kwiligi. Basele ngamaphuzu amabili nje kuphela endaweni yokugawulwa yizembe namathathu ngemuva kwe-Arrows.
Umqeqeshi uRonnie Gabriel uyayazi ingozi ababhekene nayo.
“Uma sibheka kwilogi, ngeke sizikhohlise,” kusho uGabriel.
“Silwela ukusinda futhi siyaqonda ukuthi yini edingekayo ukuze sihlale kulesi sigaba.”
UGabriel uthe ngeke balilahle ithemba.
“Siyayazi inselelo. Sizohlanganisa kabusha, sizithuthukise, futhi sithole umphumela uma sesibheke naMaZulu.”
Womabili la maqembu azobe eqinile ngokuphelele njengoba engenabo abadlali abamisiwe ngaphambi kwalo mdlalo.
Ukunqoba kwaMaZulu kuzoqinisa amathuba awo okufeza izinhloso zawo emahle.
Ukunqoba kweRichards Bay kuzodambisa ukukhathazeka kwayo ngezembe.
Kodwa konke sekuyocaca kahle ngoLwesihlanu ebusuku eKing Zwelithini Stadium.
