
Uthethise intatheli oweBay ngesikweletu soMsinga United
- Alfred NGUBANE
UMsinga United usulufake kubameli udaba labadlali abathathu eyabadayisela iRichard Bay FC, yagcina ngokungakhokhi.
ILisenethini ihletshelwe ngothile ukuthi kuze kube manje UMsinga awazi ngisho isenti lemali eyayithenjiswe yona.
Le mali kuthiwa ibalelwa ku-R800 000 kanti nosihlalo woMsinga, uWelcome Mpanza uvumile ukuthi usakweletwa.
Yize eqale wangabaza ukukhuluma uma ebuzwa ngalolu daba, uMpanza utshele iLisenethini ukuthi lolu daba uselufake kubammeli.
“Akuselula ukukhuluma kakhulu ngalolu daba, kodwa khona asikakhokhelwa,” kusho uMpanza.
“Kodwa wudaba oselustshenzwa abammeli futhi kunezinhlelo zokuthi baluse ezithebeni zePremier Soccer League kube yiyo esixazulelayo.
UMpanza uphinde waveza ukuthi iRichard Bay FC iphoqe laba badlali abathathu eyabathenga kuMsinga United ukuba banqamule izinkontileka zabo.
“Sithuke ngabadlali sebebuya nje bethi kuthiwe abanqamule izinkontileka zabo babuye.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi uBandile Ndlovu noNkululeko Miya babuyele sebebuyele kuMsinga United.
“UThabani Mthembu angazi kahle ukuphi ngoba yena kudala ashiya kwiRichard Bay.”
Ethintwa uSifiso “Jomo” Biyela ongusihlalo weRichard Bay ukuthi aphawule ngalolu daba, uthe indaba ephakathi kwakhe noMsinga Uninted lena.
“Lolu wudaba oluphakathi koMsinga United neRichard Bay, ngeke ngichazele intatheli ngalo.
“Kodwa uma uMpanza enenkinga akangifonele sixoxe naye,” kusho uBiyela.
OLUNYE UDABA: Yashaywa yisikhathi iChiefs kuKhanyisa Mayo
“Angazi noma seniphelelwe yizindaba yini njengoba nihubha lezi ezingezinhle ngeRichard Bay nje.”
