EzintshaMamelodi Sundowns

Usejima kwelase-Argentina ‘ohambe isinyelela’ kwiDowns

  • Intatheli yeLISENETHINI

Lo mdlali wasesiswini wase-Argentina ujoyine iSundowns kulindelwe lukhulu kuyena, enconywa “njengoyivelakancane” ngumqeqeshi wakudala uRulani Mokoena.

ISundowns kubikwa ukuthi yakhokha imali ecela ku-R50 million ngalo mgadli ngesikhathi ejoyina noThembinkosi Lorch ngoJanuwari.

Ukushiya kuka-Esquivel obolekiswe kwiTalleres kumangaze abaningi ikakhulukazi njengoba ehlale isikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha kwiSundowns. 

Ngesikhathi sakhe esifushane neqembu, wakhombisa ukuba ngumdlali othembisayo, wadlala imidlalo engu-10, wakhela ozakwabo amagoli kabili. 

Phezu kwalezi zibalo, u-Esquivel uthwale kanzima ukuthola indawo eqenjini eliqala imidlalo.

Isinqumo sokumbuyisela kwiTalleres siqhakambisa ukuthi iqembu liyakubona angakwenza kodwa usadinga ukucijeka kakhudlwana. 

Kwi-Talleres, okuyiqembu allijwayele, u-Esquivel uzothola ithuba lokubuyisela ifomu nokuzethemba.

Ukubuyela kwakhe e-Argentina kubonwa njengethuba lokuvuselela ibhola lakhe, ngethemba lokuthi uzobuya eselungele ukuba nomthelela omkhulu. 

ISundowns ibingakasenzi isimemezelo mayelana nemibandela yokubolekiswa kwakhe osekwenze kwaba namahlebezi. 

Abanye baphakamise ukuthi uphindiselwe emuva buthule ngoba kubonakalo ungekho umehluko angawenzela iqembu likaManqoba Mngqithi.