EzintshaKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs ichizela azishaya ngomgadli wayo

Kuvela ukuthi kunentshisekelo enkulu evela ezimbangini zaKwaZulu-Natal iGolden Arrows naMaZulu FC ngalo mgadli.

Kodwa abaphathi baMakhosi bakubeke kwacaca ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala uyingxenye yekusasa leqembu ngakho ayifuni lutho ngaye.

Intshisekelo ye-Arrows naMaZulu kubikwa ukuthi “ibavuse emaqandeni” abaphathi beKaizer Chiefs ngalo mgadli wabo. 

IChiefs ilahlekelwe abadlali bayo abasebancane oPuso Dithejane (manje osekwiChicago Fire) noKhulumani Ndamane (manje okwiMamelodi Sundowns) kumasizini adlule.

Leli qembu manje selizimisele ngokungavumeli ukudedela omunye umdlali ophuma enkulisa yayo ukuthi alishiye aye kwimbangi.

UHlongwane ubengomunye wabadlali abasebancane abebebatshazwa eNaturena ngonyaka odlule. Ukukhula kwakhe kube yisimangaliso:

  • Uzethule kubalandeli ngokushaya amagoli amabili amangalisayo kwiCarling Cup All Stars ngasekupheleni kuka-2024.
  • Uziveze eqenjini elikhulu ngokushaya igoli benqoba ngo 1-0 behlula i-PEC Zwolle ngesikhathi belungiselela isizini eNetherlands.
  • Ngokubona ukubaluleka kwakhe, iChiefs yamklomelisa ngenkontileka yeminyaka emihlanu ezoze iphele ngoJuni 2030.

Naphezu kokusheshe angene eqenjini elikhulu futhi adlale emdlalweni wokuqala wesizini bebhekene noStellenbosch, uHlongwane ube “esenyamalala”. 

Yize kungaqinisekisiwe okumphazamisile eqenjini elikhulu, kuvela kukuthi:

  • Izinkinga zokulimala: Ukulimala kukholakala ukuthi kwenze kwaba nzima ukuthi abolekiswe ngoJanuwari.
  • Uhambo lweDDC: Usanda kuchitha isikhathi e-United Kingdom neqembu leDStv Diski Challenge ngemuva kokunqoba kwabo isicoco sale ligi.
    Lokhu kwenze engabi khona eqenjini elikhulu isikhashana ngasekupheleni konyaka odlule.
  • Ingcindezi yemiphumela: Njengoba iqembu elikhulu lisembangweni wesicoco seBetway Premiership neseCaf Confederation Cup akulula anikwe ithuba.
    Abaqeqeshi basebenzisa abagadli abanamava okwamanje.

Yize i-Arrows naMaZulu bebethembisa ukumnika isikhathi sokudlala eqenjini lokuqala, iKaizer Chiefs ibona uHlongwane njengozongena eqenjini layo elikhulu maduze. 

Kungenzeka ukuthi akakadlali okwamanje, kodwa inkontileka yeminyaka emihlanu ifakazela ukuthi “uyisihlabani sakusasa” okwakhelwa pheze kwaso eNaturena.

EZISHISAYO: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel