EzintshaKaizer Chiefs

Usevumbuke kwelikaZinnbauer ogabhe uNabi kwiChiefs

Isinqumo sikaMakroud sokuthuthela eMiddle East siqeda ukuqagela ngekusasa lakhe kulandela ukudicila iChiefs. 

Bekubhekwe ukuthi ajoyine uNasreddine Nabi njengengxenye yethimba lakhe elizomlekelela njengoba ezovusa iChiefs, kodwa wakhetha ukungezi eNingizimu Afrika.

Manje sekuyacaca ukuthi lokhu bekungenxa yokuthi ubenomsebenzi omlindile kuZinnbauer okusobala ukuthi ukhokha kangcono. 

UJosef Zinnbauer, ungumqeqeshi odabuka eGermany, waziwa kakhulu ebholeno laseNingizimu Afrika njengoba eke wayibamba kwi-Orlando Pirates.

Wafika noguquko olubonakalayo kwiPirates njengoba anqoba iMTN8 ngo-2020, waqeda isomiso seminyaka eyisithupha sezindebe. 

Ubuhlakani bakhe nekhono lokuvuselela amaqembu kumenze waba umuntu ohlonishwayo kwezokuqeqesha njengoba eseya kwenye yamaligi akhula ngesivinini.

UZinnbauer ubekwiRaja Casablanca yaseMorocco ngesizini edlule lapho enqobe khona iligi nendebe. 

Kepha umsebenzi we-Al Wehda edlala kwiSaudi Pro League sibonakale siheha kakhulu ukuthi angasinaki futhi wanquma ukuwuthatha. 

UFadlu Davids, obeyiphini lakhe kwiRaja naye ushiyile kanti kumanje usengumqeqeshi omkhulu kwiSimba SC eTanzania.