EzintshaOrlando Pirates

IPirates isivuke ngesinye isiklwibhisi esisesincane 

Lezi ziqhwaga zePSL sezivele ziqalile ukwenza amalungiselelo esizini ezayo ngokuxoxisana nabadlali ezihlela ukuqinisa ngabo iqembu ngesizini ezayo.

Omunye walabo badlali ngumfana oneminyaka engu-20 ogijima kwiBaroka FC njengamanje, uKabelo Kgositsile okubatshazwa ikhono lakhe.

Lo mdlali wasesiswini ohlaselayo kuvela ukuthi maningi amaqembu abeseqalile ezidlisa satshanyana kwiBaroka ngoba enesifiso sokudayiselwa yena.

Kodwa i-Orlando Pirates seyivele yashesha yamthenga kuqala futhi kuvela ukuthi uzoqala amalungiselelo esizini ezayo nayo. 

Ukujoyina kwakhe kuzosho ukwanda kwabadlali abasebancane esikimini seZimnyama njengoba sivele sigcwele abafanyana abancane.

Kule sizini kugqame uRelebohile Mofokeng, uMohau Nkota, uThalente Mbatha, uMbekezeli Mbokazi noThabiso Sesane – bonke abaneminyaka engaphansi kuka-25.

Ngaphezu kwalaba kukhona noSiyabonga Ndlozi, uBoitumelo Radiopane noKarim Kimvuidi, nabo abasebancane ngokweminyaka.

Nokho okukhathazayo wukuthi umqeqeshi okunguye okholelwa kubadlali abasebancane futhi onesibindi sokubanika ithuba, uJose Riveiro uphelelwa yinkontileka ngoJuni.

Akucaci ke ukuthi lo mqeqeshi uzohlala noma uzoshiya yini kuleli qembu uma kuphela isizini futhi naye akafuni ukuphawula ngalokho. 

Kuzokhumbuleka ukuthi nakwiMamelodi Sundowns bebekhona abafana abancane abebeza kahle ngaphansi kukaManqoba Mngqithi.

OMalibongwe Khoza, uSiyabonga Mabena noKutlwano Lethlaku bese beqalile ukudlala njalo ngaphansi kukaMngqithi.

Kodwa kuthe uma exoshwa, kuthatha uMiguel Cardoso abasabonakali nangokhalo abanye babo eqenjini kanti noKhoza osasele usehlezi esebhentshini. 

Nokho ithemba kwi-Orlando Pirates kuzoba wukuthi uRiveiro uzoqhubeka nomsebenzi wakhe, abakhulise abafana baze baqine begcine beyizethenjwa zeqembu.