EzintshaKaizer Chiefs

UYeye uveza okumkhathaza ngoThabo Cele kwiChiefs

UThabo Cele ujoyine iKaizer Chiefs ngewindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari ngemuva kokushiya iqembu laseRussia iFakel Voronezh. 

Lo mdlali wasesiswini onekhono usheshe waba yintandokazi yabalandeli baMakhosi ngokudlala kahle kwakhe maphakathi nenkundla. 

UCele ujoyine Amakhosi ehambisana noGlody Lilepo noTashreeq Morris, okukhuphule izinga leqembu nethemba kubalandeli.

Ezinyangeni ezimbalwa zokuqala ekwiKaizer Chiefs, uThabo Cele usedlale imidlalo eyishumi kuyo yonke imiqhudelwano. 

Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala waqokwa waba nguMdlali oVelele ngesikhathi iChiefs ihlula iStellenbosch FC ngo 3-1 kwiNedbank Cup. 

Yize uThabo Cele ehlabe echaza abaningi ikakhulukazi ngekhono lakhe lokuphasa, uLetsholonyane uthi lo mdlali odabuka eKZN usadonsa kanzima ngenxa yokuqina kwePSL.

“Ngeke sikwazi uukungabaza ukuthi uThabo Cele ufike nani kwiKaizer Chiefs ngoba ungumdlali unamava aphesheya. 

“Udlale e-Europe isikhathi eside futhi wadlala nakwiBafana Bafana,” kusho uLetsholonyane kwiFARPost.

“Ngakho ke unakho okufanele. Uyabona emidlalweni embalwa ayidlalile ukuthi wenze umehluko. 

“Ukhombise izinga elihle mayelana nokuqalwa kweminyakazo yokuhlasela futhi akalilahli kalula ibhola uma likuye, enjalo nje akaxini ukulisusa kuye.

“Amava akhe njengoba ebedlala e-Europe nakwiBafana ayazibonakalela. Alisiza kakhulu iqembu ukuthi lizinze.”

Nokho kukhona okukodwa uLetsholonyane abona uThabo Cele kumele akujwayele ngePSL ukuze abe sezingeni elingaphezulu kwaleli akulo manje.  

“Uma kunento eyodwa engingayisho ngoThabo, futhi angisho ukuthi ngiyagxeka ngalokho… 

“Kumele ajwayele isivinini semidlalo… Yilokho asnenkinga nakho futhi uzodinga isikhathi ukukulungisa.

“Ngiyazi kwiChiefs isikhathi yinto encane, ikakhulukazi uma imiphumela ingemihle.

“Kodwa nginesiqiniseko sokuthi uma efika ezingeni elifanele futhi esesijwayele isivinini sePSL, uzoba ngumdlali obalulekile kakhulu kwiKaizer Chiefs.”