
Igidigidi uMofokeng engabonakali kwelePirates
NgoLwesibili ekuseni kuvele imibiko ethi iqembu elidlala kwiMajor League Soccer (MLS) e-United States seliqinise amatomu esicelweni salo sokudayiselwa uRelebohile Mofokeng.
Leli qembu, iMinnesota United kuthiwa beliqale labeka u-R35 million etafuleni lifuna lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala oyithemba labalandeli kwi-Orlando Pirates.
Nokho kuvele ukuthi iPirates iyahohoza ngalesi sicelo, kanti ngaphezu kwalokho inemibandela yayo efuna ifakwe kwinkontileka eyixhilile leli qembu lakwelikaDonald Trump.
Ngokubika kwe-ESPN, uMofokeng neqembu bese bevumelene ngemihlomulo nokunye okunqondene nomdlali ngqo.
“Umthomnbo okwiMinnesota United utshele i-ESPN ukuthi ikilabhu isasha amashushu ngalo mdalli nokuthi uMofokeng nekilabhu bese bevumelene…
“Kodwa IPirates ibe seyinyusa imali eyifunayo njengoba sekusondele usuku lokuvalwa kwewindi lokudayiselana ngabadlali (kwiMLS),” kusho lo mbiko.
Manje ukungabi khona kukaMofokeng eqenjini lePirates elizodlala ne-Orbit College emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku sekuqinise amahlebezi okuthi uyashiya.
Bekuvele kuke kwafika emadlebeni eLisenethini ukuthi uMofokeng angase adedelwe aye kuleli qembu elimfunayo ngemuva komdlalo weMamelodi Sundowns ngempelasonto.
Lo mdlali onekhono elincomekayo akekho ngisho ebhentshini eqenjini elizodlala ne-Orbit e-Orlando Stadium – umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.
Ebuzwa ngalo mdlali ngaphambi komdlalo, umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou uthe bayabaphumuza abanye abadlali ngoba banemidlalo eminingi.
FUNDA NALA | USaleng uzowubuka nezihlwele oweBucs ne-Orbit
Khonamanjalo, u-Abdeslam Ouaddou ulishintshile iqembu eliqala lo mdlalo. UPatrick Maswanganyi – okhishwe esiwombeni sokuqala ngempelasonto – ubuyile.
Abangabuyanga kweliqalayo ngu-Evidence Makgopa noThalente Mbatha kanti izindawo zabo zithathwe uTshegofatso Mabasa no-Abdoulaye Mariko.
- Ibophele kanje iPirates: Chaine – Shandu, Hotto, Seema, Mbokazi – Sebelebele, Appollis, Maswanganyi, Nduli, Mariko – Mabasa
- Ebhentshini: Buthelezi, Dansin, Kwayiba, Xoki, Mbule, Makgopa, Mbatha, Moremi, Ndaba
