
UJohn Wick uphawula ngengcwenga iPirates ijuqa iGalaxy
UMasindi Nemtajela uqokwe njengoMdlali oVelele ngesikhathi i-Orlando Pirates ijuqa iTS galaxy ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Lo mphumela ususe iPirates emnyango, wayiphonsa emsamo welogi yePremiership njengoba seyisendaweni yesithathu.
UNemtajela, obeqale okokuqala kusukela ejoyine i-Orlando Pirates, nguye obelawula umdlalo esiswini futhi nale ndondo ayinikiwe beyimfanele.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, ubonge uMdali nozakwabo ngokumeseka nokumfaka umfutho ngaphambi komdlalo.
“Ngizoqala ngokubonga uMdali… Bekungewona umdlalo olula kodwa bekumele silwe,” kusho lo mdlali obizwa ngelikaJohn Wick.
“Besilokhu sisekana ejimini. Ozakwethu bebengigqugquzela. Bangitshele ukuthi namuhla yithuba lami, angiqhubeke la ngigcine khona emdlalweni odlule.
“Ngibonga ozakwethu ngokungeseka kwabo. Bekungelula kodwa ngokungeseka nokungigqugquzela kwabo, bethi bayakubona engikwenzayo, kugcine kulungile.”
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Igoli lokuqala liqhamuke ngemuva kwephenathi ebekelwe iPirates ngomzuzu ka-20, kwabe sekusukuma u-Evidence Makgopa wayinamathisela enethini.
Yize iPirates ibe nawo amanye amathuba kuze kwayiwa ekhefini kusengu 1-0. Esiwombeni sesibili iGalaxy ibuye ngamandla.
FUNDA NALA | URooney akayizwa eka-Amorim kwiMan United
Nokho ihlulekile wukugqobhoza udonga lwasemuva lwePirates obelungadedeli lutho.
Kuthe sekubalwa imizuzu umdlalo uphele, uTshegofatso Mabasa waqedela umnyakazo omuhle kaDeon Hotto noRele Mofokeng, engqofela phakathi ibhola engamakwe muntu.
