EzintshaMamelodi Sundowns

IDowns isidayise abathathu, abanye bayalandela

Leli qembu elizinze eChloorkop belinabadlali abacela ku-50 ngesizini edlule, kanti kuvela ukuthi uCardoso ucele ukuthi okungenani asale nabangu-34.

Lokhu uthi wenzela ukuthi kungabi nabadlali abazithola sebexhukule ngenxa yokubona ukuthi bona bahlezi beqiwa yiskimu njalo nje.

Ngaphezu kwabadlali abaphelelwe yizinkontileka njengoSipho Mbule noRushine De Reuck, iSundowns seyidedele abanye abathathu muva nje. 

NgoLwesine imemezele ukuthi seyidedele uMartias Esquavel osejoyine iqembu laseGreece i-AE Kifisias.

Kuthe kungakapheli sikhathi esitheni, yabe seyiveza ukuthi noThembinkosi Lorch usedayiselwe iWydad Athletic yaseMorocco – abebolekiswe kuyo ngesizini edlule – ngokugcwele.

NgoLwesihlanu ekuseni iphinde yaveza ukuthi noNeo Maema naye akasezukubolekiswa kwiSimba SC yaseTanzania, kodwa usedayisiwe ngokugcwele kuleli qembu. 

Imemezela laba abathathu nje iSundowns ivele ibhekwe ngabomvu ukuthi izokwenzenjani ngoLucas Ribeiro noPeter Shalulile okuthiwa bafunwa amaqembu angaphandle. 

Ezivela eChloorkop zithi basebaningi abanye abadlali abangase badayiswe, okusalungiswa izinto zabo njengoThapelo Maseko nje. 

Nokho okuphawulekayo – nokusolakala ukuthi yikho okubambezela iminyakazo yabadlali abachithwayo – wukuthi iSundowns ayifuni ukubadedelela amaqembu akuleli.

Kuvela ukuthi ayifuni ukusiza amaqembu akuleli ngokuwadedelela abadlali bayo abasezingeni, yingakho iningi labo likhishelwa ngaphandle.

“Laba abadayiswayo uma ubheka bonke baya ngaphandle kwakuleli yize bebengawathola ngokushesha amaqembu kuleli,” kusho umthombo ocele singawuvezi. 

“Ngizwa amahlebezi athi bonke badedelwa ngombandela wokuthi bathole amaqembu ngaphandle, futhi kube yizinkontileka okungenani zeminyaka emibili.”

Ngaphezu kwalaba badlali asebedayisiwe, kukhona nabadedelwe mahhala njengoThabang Sibanyoni osejoyine iMagesi FC. 

Eka-Etiosa Ighodaro nayo iseyinkiga kwiSundowns njengoba ingazi yenze njani ngaye kwazise ayimdingi, kodwa iyenqena ukumdedela mahhala. 

Phela lo mgadli – obebolekiswa emaqenjini ehlukemne kusukela asayina kwiSundowns eminyakeni emithathu edlule – kuke kwavela ukuthi uhalelwa yiKaizer Chiefs. 

Naye kuvela ukuthi kungenzeka akhululwe ngombandela wokuthi ngeke asayine kwelinye iqembu lapha eNingizimu Afrika.

Basekhona nabanye abaseqenjini elikhulu okusalungiswa eyokuthi bakhululwa kanjani ukuze kwehliswe isibalo sabadlali abaseqenjini ngokwesifiso sikaCardoso. 

Sebebonke abadlali asebededelwe yiSundowns okwamanje sebengu-12. Yilaba: 

Sipho Mbule, Sifiso Ngobeni, Sanele Tshabalala, Thabang, Sibanyoni, Lucas Suarez, Matias Esquivel, Kobamelo Kodisang, Rushine De Rueck, Rovaldo Coetzee, Lebogang Maboe, Thembinkosi Lorch noNeo Maema.