EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs isimtholile ozosiza uNabi, uvala isikhala sowashiya 

IKaizer Chiefs seyimemezele uCedric Kaze njengephini elisha likaNasreddine Nabi. 

UNabi ubesale engasenalo iphini kulandela ukushiya isigubhukane kukaFernando Cruz othathe umsebenzi enhlanganweni eyengamele ibhola eMorocco. 

Kusukela lapho uNabi ubesebenza yedwa ngesikhathi ebheka iphini elifanele, nelimenelisayo.

“IKaizer Chiefs seyiqoke uCedric Kaze njengephini lomqeqeshi elisha,” kusho leli qembu esitatimendeni. 

“Lokhu kuqiniswa kwethimba labaqeqeshi eliholwa uNasreddine Nabi ukusiza ukuqinisa ukusebenza kweqembu.” 

UKaze, odabuka eBurundi, unolwazi olunzulu futhi useke wasebenza noNabi kwiYoung Africans eTanzania. 

Bendawonye, banqoba izindebe eziyisithupha kumasizini amabili. UKaze, oneminyaka engu-45 uneziqu zokuqeqesha iCaf A Licence.