
BUKA: Ushaye ingcwenga yegoli obefunwa yiChiefs
- Sibongiseni GUMBI
Umgadli obefunwa uthuli iKaizer Chiefs ngesizini edlule, usekhombise ukuthi kungani lezi zinkunzi zaseSoweto bezisha amashushu ngaye.
UWalter Musona, ongubhuti omncane kaKnowledge Musona, ushaye ingcwenga yegoli ngesikhathi edlala eqenjini lesizwe lakubo eZimbabwe.
Ushaye amagoli amabili ngesikhathi beguqisa iNamibia ngo 3-1 ukuze bazibeke ethubeni elihle lokuthi bangene kwiCaf Africa Cup of Nations.
Lo mqhudelwano uzoba seMorocco phakathi kukaDisemba noJanuwari, kanti iZimbabwe ishoda ngokunqoba kanye ukuthi izibekisele indawo.
Izobhekana neKenya ekhaya ngoNovemba 11, bese ivala ngeCameroon emidlalweni yokuhlunga futhi kuyobe sekucaca lapho ukuthi iyaya yini eMorocco.
UMusona kuvela ukuthi namanje iChiefs isamfuna kuwukuthi isibanjwe wukuthi usenenontileka eqenjini adlala kulo iSimba Bhora FC.
Uke wadlala kwiPSL phambilini njengoba ayekwiPoolokwane City kodwa wagcina ebuyele ekhaya izinto zingasamhambeli kahle kuyo.
Ufike wavuseleleka kanti usehehe iChiefs namanye amaqembu amabili adlala kwiBetway Premiership njengoba esefomini enhle.
Igoli alishaye bebhekene neNamibia ngoMsombuluko likhombisile ukuthi kungani lamaqembu emfuna kangaka. Zibukele ividiyo yegoli ngezansi:
