AmaZuluEzintshaKaizer Chiefs

ICT Spurs ishwabulela abamataniswa neChiefs naMaZulu

Ukaputeni u-Asanele Velebayi, uLiam Bern, noLuke Baartman bayalelwe ukuthi babuyele ejimini neCape Town Spurs — noma babhekane nomthetho.

Laba bobathathu abakabuyeli e-Ikamva ukuyolungiselela isizini entsha. ICape Town Spurs ithi bephula imithetho yezininkontileka zabo ngalokho.

Incwadi evela kumphathi weqembu u-Alexi Efstathiou, ngokweSABC Sport, igcizelela ukuthi laba badlali basenezinkontileka ezibabophezele kuleli qembu.

Lokhu kwenzeka nangemva kokuba le kilabhu yehlele kwi-ABC Motsepe League, okuyiligi yama-amesha.

Ngaphansi kwemithetho ye-NSL, izinkontileka zabadlali ziyaphela uma ikilabhu iphuma ezigabeni zebhola elikhokhelayo — okuyinto eenzekile kwiSpurs ngenyanga edlule.

Bobabili uVelebayi noBaartman kukholakala ukuthi balibangise kwiKaizer Chiefs, kanti uBern yena uzilolonga naMaZulu.

ICape Town Spurs nokho ayizobadedela ngaphandle kokulwa.

U-Efstathiou uxwayise ngokuthi bazoqondiswa ubugwegwe uma laba badlali beqhubeka nokulova ejimini.

“Izinkontileka zisasemthethweni futhi ziyababophezela,” isho kanje le kilabhu.

Nokho ithe ivulelekile ezingxoxweni zokudayiselana ngalaba badlali — kodwa kuphela uma kukhokhwa imali efanele.

Khonamanjalo, bobathathu laba badlali kubikwa ukuthi bathumele izicelo zokunqanyulelwa izinkontileka zabo.

Babeke isizathu sokuthi iSpurs ayisekho ngaphansi kwePSL njengezizathu salezi zicelo zabo.

Impi ngabo nokho ibukeka isazoqhubeka — futhi izinsuku ezimbalwa ezizayo zingase zibe nesiphithiphithi esikhulu ngalaba badlali.

Khonamanjalo, iLisenethini ithole ukuthi imizamo yeSpurs yokuthenga isitifiketi sePretoria Callies ayiphumelelanga.

Nokho isaqhubeka nokuzama. Ukube beyisitholile isitifiketi, izinkontileka bezizoqhubeka.

Kodwa njengoba isizini yePSL iphele ngokusemthethweni ngoJuni 30, nezinkontileka seziphelelwe yisikhathi.