
Okwenza uZwane awasabe awezigaba eziphansi kwiNedbank Cup
ALFRED Ngubane
Ungacabanga ukuthi u-Arthur Zwane ubengajabula ukuthi iqembu lakhe liqhathwe namaqembu ezigaba ezincane kwiNedbank Cup.
Kodwa lo mqeqeshi ucabanga ngenye indlela. Uthi yena ukujabulele ukuqhathwa neqembu elidlala esigabeni esiphezulu kulo mqhudelwano.
AmaZulu aqhathwe nePolokwane City ezodlala nayo ngoLwesibili oluzayo ePeter Mokaba Stadium.
U-Arthur Zwane ongumqeqeshi uthi amaqembu adlala ezigabeni eziphansi njenge-ABC Motsepe League ayasokolisa kakhulu kwiNedbank Cup.
“Uma ngabe edlala, lamaqembu adlalela umabonakude… Asuke efuna ukuzithengisa nje kuphela.
“Ngakho kuba nzima ukuwahlelela lamaqembu ngoba asiwazi ukuthi adlala kanjani kodwa wona asuke esazi kahle,” kusho uZwane.
Uqinisile ke nokho u-Arthur Zwane njengoba kunamaqembu asuka ezigabeni eziphansi ashiye kukhalwa kwawesiphezulu kwiPSL phambilini.
Muva nje singabala iDondol Stars eyaze yanqandwa yi-Orlando Pirates yayikade seyiwashise iSuperSport United naMaZulu ijezi.
Ngaphambi kwayo elinye elikhumbulekayo yiBaroka FC nayo eyagila izimanga isadlala ezigabeni zeSafa.
Ubani ongakhohlwa nayiMaluti FET College eyagila iPirates igoda eminyakeni cishe elishumi edlule kuwo lo qmhudelwano iyishaya ngo 4-1 kungazelele muntu.
FUNDA NALA | UCardoso ucacisa ngesimo sikaWilliams
Kodwa akuyona into emkhathazayo njengamanje leyo uZwane njengoba ezakhe ziqala nePolokwane abadlala nayo esigabeni esisodwa.
Uthi yize eyazi, ngeke kube lula ngoba iPolokwane iyiqembu elinzima ikakhulukazi uma ingakubo.
